Isolezwe

UJali sekuseduze asayine kwiChiefs

- MINENHLE MKHIZE

ZIYAQINA izinsolo zokuthi u-Andile “Gattuso” Jali, ongenaqemb­u okwamanje, angase aphelele kwiKaizer Chiefs.

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo walo osondelene nodaba lukaJali ongenalo iqembu kulandela ukuhlukana neKV Oostende ngenyanga edlule.

“Ngeke ngithuke uma uJali ethatha isinqumo sokusayina kwiKaizer Chiefs. Kungase kuphele leli sonto esesithath­ile isinqumo,” kusho umthombo.

Kuthintwa imenenja kaJali, uMike Makaab, weProSport Internatio­nal ngodaba lukaJali, ikubeke kwacaca ukuthi umdlali wayo ufana nekati elibekelwe ubisi nenyama. “Izicelo esihlezi nazo ziconsisa amathe. Emahoreni angu-48 kuya kwangu-72 kungenzeka sibe sesisithat­hile isinqumo ngekusasa likaJali. Njengoba ngike ngasho, inhloso yethu bekuwukuth­i kuphele inyanga esenekhaya elisha. Izicelo esihlezi nazo zinhle ngokwemali nangokokud­lala. U-Andile nguyena ozozithath­ela isinqumo hhayi mina. Ngiyazi kukhona iqembu engizolenz­a lijabule kanti kukhona elinye engizolenz­a lidumale. Isibindi yinto enginayo ngoba senginamav­a kuleli bhizinisi,” kusho uMakaab.

UJali (28) uhlale amasizini amane e-Europe. ENingizimu Afrika udlale kwi-University of Pretoria ne-Orlando Pirates.

“UJali kumele aqale uhlelo lweqembu lakhe elisha. Kufanele kushaye isikhathi sokuqala kwesizini esesimeni esihle ngokomzimb­a. Ufuna ukubuyisa indawo yakhe eqenjini lesizwe. Uyazivocav­oca zonke izinsuku. Ubhekene nenselelo ngoba akukho lula ukwenza kahle uma ubuya e-Europe. Kumele asebenze kanzima. Noma yiliphi iqembu azosayinis­a kulona lizomnika ithuba elihle lokuzakhel­a igama nokukhula njengomdla­li. Ukuhlala kwakhe ePitoli akusho ukuthi usezosayin­a kwiSundown­s. Akuyona imali kuphela esiyigijim­isa phambili. Izicelo esihlezi nazo yizicelo eziconsisa amathe ngezindlel­a eziningi,” kusho uMakaab.

KwiChiefs kubhekwe ukuthi abange ijezi noWillard Katsande noGeorge Maluleka enkabeni yenkundla.

“UJali ufuna ukujoyina iqembu elizomnika ithuba lokudla izicoco. Ufuna ukudlala eqenjini elidlala emiqhudelw­aneni yeCAF. Iqembu ayodlala kulona kumele kube yiqembu azokwazi ukuhlala kulona isikhathi eside,” kusho uMakaab.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weBafana Bafana u-Andile Jali angase ajoyine iKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi kuphele isonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weBafana Bafana u-Andile Jali angase ajoyine iKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi kuphele isonto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa