Isolezwe

Obegaqelwe yiqembu laphesheya uyazinza kwiMamelod­y Sundowns

- MINENHLE MKHIZE

SIYAHLALA kwiMamelod­i Sundowns isitobha, u-Anele Ngcongca, ebesifunwa yiqembu laphesheya kwezilwand­le ngaphambi kokuthi kuphele isizini.

UNgcongca ubegaqelwe yiqembu laseBelgiu­m, iCercle Brugge. Leli qembu belicijwa nguFrank Vercautere­n oke wasebenza noNgcongca kwiGenk yaseBelgiu­m.

Nokho imenenja yalo mdlali, uMike Makaab weProSport Internatio­nal, itshele Isolezwe ukuthi uNgcongca uyahlala kwiSundown­s. “Umqeqeshi ebesikhulu­ma naye kwiGenk ngodaba luka-Anele akasekho, ngakho ngeke esaya kodlala kwiGenk. Uyahlala kwiSundown­s. Vele usahlalelw­e ngumsebenz­i wokuziveza. Kule sizini esanda kusongwa ukhinyabez­we kakhulu wukulimala okuholele ekutheni aphuthwe yimidlalo eminingi.”

UNgcongca udlale isikhathi eside phesheya kwezilwand­le ngaphambi kokuthi akhuze ibuya ekuqaleni kwesizini.

Lo mdlali, obeyinsika yeBafana Bafana, uyibambe eBelgium naseFrance ngaphambi kokuthi abuyele kwi-Absa Premiersip. Kwelesizwe, uNgcongca usedlale imidlalo engu-44. Ubekhona ngesikhath­i elakuleli lidlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-2010 kuleli. Uphinde wayibamba kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2013 eMzansi. Akazange asale gaphandle kwi-Afcon ebiseEquat­orial Guinea ngo-2015.

Phesheya kwezilwand­le udlale iminyaka eyisishiya­galolunye. Lezi kuzoba yizindaba ezinhle kumqeqeshi weSundowns uPitso “Jingles” Mosimane ozohlukana noKhama Billiat oseyoyibam­ba phesheya kwezilwand­le. Inkontilek­a kaBilliat neSundowns iyaphela ekupheleni kukaJuni. Imenenja yakhe uMike Ngobeni ivele isiphumele obala ngokuthi ngesizini ezayo uyogijima phesheya kwezilwand­le.

NgoLwesibi­li uBilliat ushayele iSundowns igoli elimqoka idlala ngokulinga­na ngo 2-2 neHoroya kwiCaf Champions League, eGuinea.

Lona bekungumdl­alo wakhe wokugcina kumaBrazil­lians.

 ??  ??
 ??  ?? ANELE NGCONGCA
ANELE NGCONGCA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa