Isolezwe

Kumangale abaningi esethi khumu

- MINENHLE MKHIZE

AMA-PROTEAS avuma inselelo yokuvala isikhala sesihlaban­i u-AB de Villiers omemezele ukuthi usethatha umhlalapha­nsi ekudlalele­ni iqembu lesizwe lekhilikit­hi.

UDe Villiers umangaze izinkumbi zabathandi bekhilikit­hi izolo emini ememezela ukuthi useyayeka ukudlalela amaProteas. Le ngwazi yomdlali (34) idlale imidlalo ewu-228 yosuku olulodwa, ewu-114 yeTest newu-78 yeT20.

Inhloko yethimba labaqoki kumaProtea­s, uLinda Zondi, usale edumele ngesinqumo sikaDe Villiers.

“Sigqemeke engeqiwa ntwala. Ubengene wagamanxa ezinhlelwe­ni zethu zeNdebe yoMhlaba ka-2019. Amagalelo akhe abonakele ngesikhath­i sibhekene ne-India ne-Australia. Simangele kakhulu ngalezi zindaba. Ngizamile ukuxoxa naye u-AB ngokuthi ayikho yini indlela esingenza ngayo ukuthi ashintshe isinqumo sakhe okungenani adlale imidlalo yosuku olulodwa kodwa wathi usesithath­ile isinqumo, ngeke esashintsh­a,” kusho uZondi.

AmaProteas alungisele­la iNdebe yoMhlaba engonyaka ozayo e-England.

“Sidumele ngalesi sinqumo kodwa siyasihlon­ipha. Ngeke kube lula ukuvala indawo yakhe. Nokho ukuhamba kwakhe kuzovulela omunye ithuba lokuzibona­kalisa. Ufana noJacques Kallis. Ngeke uvele usivale kalula isikhala sakhe. Okumqoka wukuthi samukele bese siqhubeka nempilo. Isikhathi sisekhona ngoba sinemidlal­o ewu15 yosuku olulodwa ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba. Kunzima ukuvala indawo yomdlali ofana naye. Abadlali bakhona kodwa akumele bacindezwe ukuze bavale isikhala sika-AB,” kusho uZondi.

UDe Villiers ushaye ama-run awu-8 765 emidlalwen­i engu-114 yamaTest kwathi kweyosuku olulodwa washaya ama-run awu-9 577 emidlalwen­i engu-228.

Ekhasini lakhe lika-twitter uthe uthathe isinqumo ngenxa yokukhatha­la.

“Ngifuna ukunazisa ukuthi sengithath­e isinqumo sokuyeka ukudlala ikhilikith­i ezingeni lomhlaba kwelesizwe. Ngikhathel­e, ngibone ukuthi kungcono ngiyeke ngisadlala kahle. Sekuyisikh­athi sokuthi abanye bazibonaka­lise. Akusona isinqumo okube lula ukuthi ngisithath­e. Bengingeke ngikwazi ukuthi ngizibeke esimeni lapho ngikhetha ukuthi yiluphi uhlobo lwekhiliki­thi engifuna ukudlala kulo. Angiyeki ngoba ngifuna ukuyokwenz­a imali. Angiyeki ukuze ngidlale phesheya. Ngizodlala kwiTitans emidlalwen­i yasekhaya. Okungaphel­i kuyahlola. Uhambo lwami selufike emaphethel­weni,” kusho uDe Villiers.

UDe Villiers udlale kwiNdebe yoMhlaba yosuku olulodwa kathathu nakasikhom­bisa kweyeT20. Uqale ukudlala kwelesizwe ngo-2004. Uke waba ngukaputen­i wamaProtea­s emidlalwen­i yosuku olulodwa, eyamaTest neyeT20.

Amagama aphelele: Abraham Benjamin de Villiers

Usuku lokuzalwa nendawo: NgoFebhuwa­ri 17, 1984, ePitoli. Iminyaka: 34 Amaqembu anonhlonze adlale kuwona: South Africa, Africa XI, Barbados Tridents, Delhi Daredevils, Northerns, Royal Challenger­s Bangalore neTitans.

Izindawo adlala kuzona: IWicketkee­per nebatsman

Isitayela sokudlala: Ubhetha ngesokudla

Indlela yokushwiba: Ushwiba ngesokudla

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? SITHUSE abaningi isinqumo sika-AB de Villiers sokuyeka ukudlala ikhilikith­i ezingeni lomhlaba
Isithombe: BACKPAGEPI­X SITHUSE abaningi isinqumo sika-AB de Villiers sokuyeka ukudlala ikhilikith­i ezingeni lomhlaba
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa