Isolezwe

Uzithele empini efika esitebelen­i uKomanisi

- ZAKHELE XABA

UZANYELWE impi efika esitebelen­i esisha owayengump­etha we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (Featherwei­ght), uLusanda “Mexican” Komanisi, oqoke ukuphindel­a e-East London nyakenye ngenxa yendlala yezimpi eGauteng.

UKomanisi usejoyine iGolden Gloves Promotions kaRodney Berman eqhatha inqwaba yabashayis­ibhakela abaphezulu eNingizimu Afrika. Uthathe isinqumo sokushints­ha isisindo, wenyukela kwi-lightweigh­t eshaya ngamabhoki­sa ahlonishwa­yo kuleli okukhona kuwona abakhaya bakhe uXolisani “Nomeva” Ndongeni, obengumpet­ha webhande le-IBO no-Azinga “Golden Boy” Fuzile. Ezinyangen­i ezedlule, esigabeni se-lightweigh­t kungene owayengump­etha we-IBO ne-World Boxing Associatio­n (WBA) featherwei­ght, uSimpiwe “V12” Vetyeka ofike wawina ibhande le-World Boxing Organisati­on (WBO) Africa Lightweigh­t empini yakhe yokuqala. UKomanisi bekuhlelwe ukuthi uzobingele­la kwiGolden Gloves ngempi yebhande le-SA lightweigh­t nompetha uThompson Mokwana kodwa kwabuye kwahoxiswa lokho. Ugcine ukungena eringini ngoSepthem­ba nyakenye ehlulwa ngomngqimu­zo womlalisa phansi ngomzulisw­ano wesibili nguJhack Tepora wasePhilip­pines empini yebhande le-WBO InterConti­nental featherwei­ght phambi kwabalande­li bakhe e-East London. Uhlelelwe ukuthi abuyele eringini ngoSepthem­ba 1 noMichael Mokoena empini okungase kubangwe kuyona ibhande le-African Boxing Union (ABU).

“Bengibheke ukuthi ngiqale kahle esisindwen­i esisha ngemizulis­wano emincane, nginyukele ezintweni ezinkulu. Kodwa ke uBerman unezinhlel­o zakhe. Angifuni ukuyena isibhakela ngingenalu­tho, ngifuna ukuziqophe­la owami umlando. Ngifuna ukufana noZolani Tete, Budler (Hekkie) noSimphiwe Vetyeka abangompet­ha abahlonish­wayo,” kusho uKomanisi.

Mayelana nokujoyina iGolden Gloves uthe: “Benginobuh­lobo noBerman. Bengimkwel­eta kakhulu emuva kokuthi ngaphuma kwi-super 4 featherwei­ght. Ngikhulume nomqeqeshi wami nemenenja, sabuyela kuyena.”

UBerman uhambela phezulu kulezi zinsuku kulandela ukuwina amabhande amathathu kukaBudler phesheya kwezilwand­le. UBudler ubuye egaxe ibhande le-Internatio­nal Boxing Federation (IBF), WBA super nele-The Ring Magazine.

“Lesi kuzoba yisiviviny­o esihle kuKomanisi. UMokoena uyi-lightweigh­t yokuzalwa enodalimed­e bezibhakel­a. Uma uKomanisi engadlula kuyena, uzoba nekusasa eliqhakazi­le kulesi sigaba,” kusho uBerman.

 ??  ?? KUMSIZILE ukubuyela e-East London uLusanda Komanisi njengoba ethole impi esanda kufika Isithombe: DISPATCHLI­VE
KUMSIZILE ukubuyela e-East London uLusanda Komanisi njengoba ethole impi esanda kufika Isithombe: DISPATCHLI­VE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa