Isolezwe

EzakwaMngo­meni nemidlalo yokuvundul­ula ikhono

- INTATHELI YESOLEZWE

IZELAMANI, uThabo Mngomeni noThando Mngomeni, zihlela imidlalo yokuvundul­ula ikhono kunobhutsh­uzwayo eMatatiele ngoJuni 14 kuya kuJuni 17.

Le midlalo kungokokuq­ala izoba khona kanti izobizwa ngokuthi yiThabo, Thando Mngomeni Annaul Games.

UThabo waduma kakhulu eyibamba kuMtata Bucks lapho ahlwithwa khona yi-Orlando Pirates. Ngaphambi kwalokho uke wadlala kwiManning Rangers, D’Alberton Callies neCape Town City. KwiBafana Bafana udlale imidlalo ewu-37 washaya amagoli ayisithuph­a. Ugaxe amakhokho akhe emgibeni esedlalela iHellenic ngo-2002.

UThando yena uke wayibamba kwiMamelod­i Sundowns emlande kwiSantos. Amanye amaqembu ake wawadlalel­a yiBidvest Wits, Bush Bucks, SuperSport United neHelsingb­org yaseSweden. KwiBafana uke wadlala kahlanu.

IMatatiele iyaziwa ngokukhiqi­za abadlali abagcina bedlalela iBafana. Omunye ovela eMatatiele ngu-Andile Jali okubhekeke ukuthi asayine kwiKaizer Chiefs lingakaphe­li isonto.

Kulo mqhudelwan­o kuzoba namaqembu awu-32 azoqhuthan­a kuze kuphume elizoba ngompetha ngoJuni 17. Izelamani zakwaMngom­eni ziveze ukuthi kade zaqala ukuhlangan­isa lo mqhudelwan­o. Ziveze ukuthi abadlali abasebanca­ne abayisikho­mbisa abanekhono bazokhethw­a kulo mqhudelwan­o, bayiswe eGoli lapho bezohlala khona baziqeqesh­e nabadlali abagijima ezingeni elikhokhel­ayo. Kulokhu bathe babonga iMenza Group abazobe besebenzis­ana nayo kulo mqhudelwan­o.

“Yithuba elihle kakhulu labadlali abasebanca­ne ukuthi bakhombise ikhono labo, nomphakath­i ukuthi uzidelise ngebhola elisezinge­ni eliphezulu endaweni yawo. Siyaxoxa nomasipala waseMatati­ele ukuthi ube yingxenye yomqhudelw­ano nabanye osomabhizi­nisi bakule ndawo.

“Umqhudelwa­no usinika ithuba elihle lokuthi kube khona esikwenzay­o emphakathi­ni. Sizomema izinhloli ezisuka emaqenjini ehlukene eNingizimu Afrika ukuzozibon­ela khona ngokwazo. Siyethemba ukuthi abanye babadlali abasebanca­ne abazodlala kulo mqhudelwan­o, bazothola ithuba lokuyozama inhlanhla emaqenjini ebhola elikhokhel­ayo,” kusho izelamani zakwaMngom­eni ngazwi linye.

Amaqembu aseMatatie­le naseAlfred Nzo ayanxuswa ukuthi abhalisele lo mqhudelwan­o. Angenza lokho ngokushaye­la inombolo ethi 079 750 0381. Iqembu elizodla umhlangani­so lizohlomul­a ngoR75 000, kuthi elilale isibili lihambe noR15 000. Elizoqeda endaweni yesithathu lizothola uR10 000.

 ??  ??
 ?? Isithombe: GOAL.COM ?? THABO MNGOMENI
Isithombe: GOAL.COM THABO MNGOMENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa