Isolezwe

UPitso unkemise iningi evuna uBangaly

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISHIYE abaningi benkemile inkulumo kaPitso “Jingles” Mosimane, opheka iMamelodi Sundowns, lapho evikele khona isitobha sakhe sase-Ivory Coast, uSoumahoro Bangaly ogxekwe kakhulu leli qembu lishaywa yiFC Barcelona kwaphinde kwaba yinto efanayo libambana neHoroya FC kwiCAF Champions League.

Kusukela lesi sitobha sifikile ngemuva kokuhamba kuka-Alje Schut kumasizini ambalwa edlule, ungabazane ngaso alukaze luqhele kusona. Kula masizini uSoumahoro asewadlali­le kuba ngcono uma esesiswini ngoba uma efakwe emuva amagoli adla iSundowns avamise ukungena ngaye.

Amabili okuqala ashaywe ngu-Ousumane Dembele noLuis Suarez iBarcelona inqoba ngo 3-1 kowokubung­aza ukuqeda iminyaka eyikhulu kwazalwa uNelson Mandela yize, angene ngamaphuth­a akhe lo mdlali osekuthiwa usezimisel­e ukudlalela iGuinea.

Emdlalweni weSundowns neHoroya, obuhlehle ngenxa yalo oweBarcelo­na, yena futhi uSoumahoro ube nesandla ekubuyeni kweqembu lasekhaya kwazise iSundowns ibisihamba phambili. KoweBarcel­ona uphasele isitha umdlalo unemizuzu emibili uqalile lakhala enethini. KwelikaSua­rez lo mdlali uqome ukulala phansi engabe ulandela ibhola lagcina lingene enethini.

NakoweHoro­ya, kuthe iSundowns isibambele­le kwazise bese beyibuyisi­le oKhama Billiat noGaston Sirinio, uSoumahoro waqoma ukuma ambuke esikhundle­ni sokumaka umdlali weqembu lasekhaya oshaye elokulinga­nisa ngekhanda.

Kumangazil­e nokho ukuthi uMosimane amvikele lo mdlali kwazise akafihli uma kukhona angakuthan­di akubonayo. Nangesizin­i edlule uSoumahoro ebulala iSundowns ibhekene nePolokwan­e City neKaizer Chiefs, uMosimane umvikelile wambiza ngelinye lamasosha akhe.

Ubaba kaSoumahor­o ngowaseIvo­ry Coast kodwa umama wakhe owaseGuine­a. Ngaphambi komdlalo uSoumahoro ucelwe ukuba athathe isinqumo ngoba bafisa adlalele izwe likamama wakhe kwazise kuze kube yimanje uyazitshwa kwelikayis­e.

“Inkinga ibe sekutheni utshelwe ngaphambi komdlalo ukuthi bafisa adlalele iGuinea. Ukudlala usuwazi ukuthi kukhona abazobuka wena kuphela kubanga amatata ngisho ngabe unesipiliy­oni esingakana­ni. Ngicabangi­le ukuthi kungamphaz­amisa lokhu nangempela kwenzeka. Ungcono kakhulu kunendlela adlale ngayo uSoumahoro. Ngokwami ungomunye wabaphambi­li eqenjini lami,” kusho uMosimane.

Ukubanjwa kweSundown­s kwenza isalele emuva ngamaphuzu amabili kwiWydad Casablanca kodwa inethuba lokuvala leli gebe ngoba imidlalo yayo emibili elandelayo izoyigijim­a ne-AS Togo-Port engakaze iwine kuleli qoqo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYANDA Xulu weMaritzbu­rg United ube nesizini enhle waze waqokelwa iPSL Defender of the Season
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYANDA Xulu weMaritzbu­rg United ube nesizini enhle waze waqokelwa iPSL Defender of the Season
 ??  ?? BANGALY SOUMAHORO
BANGALY SOUMAHORO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa