UJali sekuseduze asayine kwiChiefs
ZIYAQINA izinsolo zokuthi u-Andile “Gattuso” Jali, ongenaqembu okwamanje, angase aphelele kwiKaizer Chiefs.
Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo walo osondelene nodaba lukaJali ongenalo iqembu kulandela ukuhlukana neKV Oostende ngenyanga edlule.
“Ngeke ngithuke uma uJali ethatha isinqumo sokusayina kwiKaizer Chiefs. Kungase kuphele leli sonto esesithathile isinqumo,” kusho umthombo.
Kuthintwa imenenja kaJali, uMike Makaab, weProSport International ngodaba lukaJali, ikubeke kwacaca ukuthi umdlali wayo ufana nekati elibekelwe ubisi nenyama. “Izicelo esihlezi nazo ziconsisa amathe. Emahoreni angu-48 kuya kwangu-72 kungenzeka sibe sesisithathile isinqumo ngekusasa likaJali. Njengoba ngike ngasho, inhloso yethu bekuwukuthi kuphele inyanga esenekhaya elisha. Izicelo esihlezi nazo zinhle ngokwemali nangokokudlala. U-Andile nguyena ozozithathela isinqumo hhayi mina. Ngiyazi kukhona iqembu engizolenza lijabule kanti kukhona elinye engizolenza lidumale. Isibindi yinto enginayo ngoba senginamava kuleli bhizinisi,” kusho uMakaab.
UJali (28) uhlale amasizini amane e-Europe. ENingizimu Afrika udlale kwi-University of Pretoria ne-Orlando Pirates.
“UJali kumele aqale uhlelo lweqembu lakhe elisha. Kufanele kushaye isikhathi sokuqala kwesizini esesimeni esihle ngokomzimba. Ufuna ukubuyisa indawo yakhe eqenjini lesizwe. Uyazivocavoca zonke izinsuku. Ubhekene nenselelo ngoba akukho lula ukwenza kahle uma ubuya e-Europe. Kumele asebenze kanzima. Noma yiliphi iqembu azosayinisa kulona lizomnika ithuba elihle lokuzakhela igama nokukhula njengomdlali. Ukuhlala kwakhe ePitoli akusho ukuthi usezosayina kwiSundowns. Akuyona imali kuphela esiyigijimisa phambili. Izicelo esihlezi nazo yizicelo eziconsisa amathe ngezindlela eziningi,” kusho uMakaab.
KwiChiefs kubhekwe ukuthi abange ijezi noWillard Katsande noGeorge Maluleka enkabeni yenkundla.
“UJali ufuna ukujoyina iqembu elizomnika ithuba lokudla izicoco. Ufuna ukudlala eqenjini elidlala emiqhudelwaneni yeCAF. Iqembu ayodlala kulona kumele kube yiqembu azokwazi ukuhlala kulona isikhathi eside,” kusho uMakaab.