Isolezwe

IChiefs isiphumele obala ngoweStars

- MINENHLE MKHIZE

I-KAIZER Chiefs isiphumele obala ngesifiso sayo sokusayini­sa umqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael.

Amakhosi awanaye umqeqeshi emuva kokuhlukan­a noSteve “Mphathi” Komphela sekuzophel­a isizini.

Sekuphele isikhathi eside iChiefs imataniswa no-Eymael kodwa akekho obeseke waphumela obala ngodaba lwakhe.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe, imenenja ka-Eymael, uMike Makaab weProSport Internatio­nal, ivumile ukuthi Amakhosi ayamfuna lo mqeqeshi odabuka eBelgium.

“Yebo, ngihlangan­ile neChiefs ngesonto eledlule ukuzokhulu­ma indaba kaLuc. Igama lakhe kade lilokhu likhonjwa kwiChiefs.

Ngicabanga ukuthi uwuhlobo lomqeqeshi oyifanele iChiefs. Into emqoka okumele siyikhumbu­le wukuthi iChiefs inenqwaba yezicelo zabaqeqesh­i abafuna umsebenzi wokucija iqembu.

Ngakho njengoba befuna uLuc kumele bacacise emahoreni angu-72 ezayo ukuthi bafunani.

Uma kumele kube khona okwenzekay­o kumele kwenzeke kuleli sonto. Ngeke ngikufihle ukuthi iSuperSpor­t neChiefs yiwona amaqembu afuna uLuc,” kusho uMakaab.

Naye lo mqeqeshi uke wacashunwa ethi iqembu elimfunayo kumele licacise kuleli sonto ngoba uzoya kubo eBelgium.

U-Eymael ufike eNingizimu Afrika kumasizini amabili edlule. Ngesizini yokuqala eMzansi ufake iPolokwane City kwiTop 8 wase esindisa iBloemfont­en Celtic ezembeni. Ngempelaso­nto lo mqeqeshi usize iFree State Stars yaqeda indlala yeminyaka engu24 ingasazi isicoco. IStars iqumbe phansi iMaritzbur­g United ngo 1-0 ngemuva kwalokho yaba ngompetha beNedbank Cup.

“Asikho isidingo sokuthi nginike iChiefs isicelo ngoLuc. Bayawazi amagalelo akhe ngoba usebenza lapha eNingizimu Afrika. Angiqondil­e ukudelela ngokusho lokho. Ukube bekungumqe­qeshi ongasebenz­i kuleli ngabe sikhona-ke isidingo sokuthi sifake isicelo.

Yinto engingeke ngiyifihle ukuthi uLuc unombandel­a wokuthi iqembu elimfunayo kumele likhokhe imali ethize ngoba unenkontil­eka neFree State Stars.

IChiefs iyakwazi okumele ikwenze njengamanj­e. Kumele ithinte iFree State bese siqala izingxoxo. Akusona isimo esimnandi lesi kwiFree State ngakho kumele kucace yonke into kuleli sonto,” kusho uMakaab.

Phakathi kwamanye amaqembu aseke wawacija uLuc kukhona i-AS Vita Club yaseDRC Congo, Al-Merrikh yaseSudan, Rayon Sport yaseRwanda ne-A.F.C Leopards yaseKenya.

Njalo uma ithintwa ngodaba lomqeqeshi iChiefs iphendula ngokuthi izomemezel­a uma isimtholil­e.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael, maningi amathuba okuthi angabuyeli eqenjini ngesizini ezayo ngoba maningi amfunayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael, maningi amathuba okuthi angabuyeli eqenjini ngesizini ezayo ngoba maningi amfunayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa