Isolezwe

Usekubheke ngabomvu ukuthula uhlelo olusha

- NOKUBONGWA PHENYANE

INTOKAZI eyazakhela igama ilingisa kuGenerati­ons: The legacy uThando Thabethe, ithi isikubheke ngabomvu ukwethula uhlelo iThando Bares All oluzoqala ngoMgqibel­o, Juni 2, ngo-9 ebusuku kuTLC (DStv 135).

Uhlelo bekumele luqale ekuqaleni konyaka kodwa kwagcina kungasenze­kanga.

Ekhuluma ngalo uThando uthe isikhathi abantu abasilindi­le ukuthi kuqale uhlelo ngeke bazisole ngaso.

“Ngijabule kakhulu ukuthi abantu ekugcineni bazolubona uhlelo lwami. Sengikulin­de ngabomvu ukuthi babone futhi baveze imizwa yabo ezingxoxwe­ni esizobe sinazo nabantu abazongiva­kashela,” kusho uThando.

Uthe ababukeli nabo bazothola ithuba lokuphawul­a ngezindaba okunzima ukukhuluma ngazo futhi iningi elisabayo ukuxoxa nabantu abasondele­ne nabo.

Kulolu hlelo uThando uzobe ehambisana nentokazi, uCarissa Cupido.

“Kulolu hlelo sobe sikhuluma ngezinto ezehlukene ezenzeka njalo emiphakath­ini esiphila kuyo futhi sobe sikhuluma nabantu abajwayele­kile kwezinye izikhathi kodwa kuzoba khona nosaziwayo.”

Uthe umbuzo osele manje wukuthi ngabe abazobonak­ala ohlelweni bazozivula yini izifuba ngezindaba abazivalel­e ezifubeni zabo.

“Mina akukho engizokush­iya ngaphandle ezinkulume­ni zethu nabantu engizobe nginabo ngoba lokho kungasiza noma kunike izimpendul­o umuntu odlule esimeni esifanayo nalowo oyobe ekhona ohlelweni ngalelo langa,” kusho uThando.

UCarissa uzobe ekhuluma nabantu abahlukene emgwaqweni yaseGoli ebabuza izinto ezehlukene .

 ??  ?? THANDO THABETHE
THANDO THABETHE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa