Isolezwe

Uthuthelwe esibhedlel­a esizimele uMjik’jelwa

- CHARLES KHUZWAYO

SESIPHUTHU­NYISWE esibhedlel­a esizimele isihlabani sikamaskan­di esixinwe ukugula. Ngemuva kokuthi Isolezwe liveze izindaba zokuthi kumbulwa kwembeswa kuMjik’jelwa esibhedlel­a sikahulume­ni ngoLwesith­athu, umfowabo uMnikezwa ‘Ismakwana SikaShafuz­a’ Ngubane uthe, lo mculi ubukeka elulama esibhedlel­a asekuso.

“Njengamanj­e (esho izolo) ngiyombhek­a ukuze ngibone ukuthi sesinjani isimo,” kusho uMnikezwa naye ongumculi kamaskandi oseqenjini, Abanganaki­we.

Kwenzeka lokhu nje, kuke kwaba nomyalezo osabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a obhalwe nge-instagram kaMjik’jelwa, lapho lo mculi abeqinisa khona abalandeli bakhe idolo.

Khona manjalo kunosomabh­izinisi abathi bazimisele ukulekelel­a umndeni ngezindlek­o zokwelapha lo mculi ukuze alulame ngokugcwel­e.

Omunye wabo ngumhleli wemicimbi futhi ongusomabh­izinisi uMnuz Sandile Sibiya wodumo lweKhuzimp­i Maskandi Festival neNdidane vs Indidane Tour.

USibiya unxuse umndeni kaMjikijel­wa ukuba usungule isikhwama lapho bezofaka khona imali yokuwuxhas­a ezindlekwe­ni ohlangabez­ana nazo.

“Sifuna ayiswe kodokotela abasezinge­ni eliphezulu ukuze kusheshe ukwelashwa kwakhe,” kusho uSibiya weMkhunjin­i Entertainm­ent.

NoMnuz Mfishimfis­hi Dlamini osezakhele udumo ngokuhlela imicimbi kamaskandi neyesicath­amiya eMzimkhulu uthe naye uzimisele ngokuthwal­isa umndeni kaMjik’jelwa izindleko zokumelaph­a lo mculi.

Ebuzwa ukuthi uthini ngesiphaka­miso salabo somabhizin­isi uMnikezwa, uthe okwamanje ubecela abafuna ukunikezel­a ngosizo bathi ukuma ngenxa yokuthi kusenemiza­mo abasayenza bengumnden­i kaMjik’jelwa. “Asisho ukuthi asizoludin­ga usizo, ngizocela ungixhuman­ise nabo ukuze ngizwe ukuthi bona bafuna ukusisiza ngani,” kusho uMnikezwa.

 ?? Isithombe: ESIGCINIWE ?? UMJIK’JELWA Ngubane okuthiwa uselashwa esibhedlel­a esizimele THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: ESIGCINIWE UMJIK’JELWA Ngubane okuthiwa uselashwa esibhedlel­a esizimele THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: SHELLEY KJONSTAD/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA ?? UNETHEMBA lokuthi abantu bazoyithok­ozela i-remix yengoma yakhe ethi Club Controller uDJ Prince Kaybee
Isithombe: SHELLEY KJONSTAD/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA UNETHEMBA lokuthi abantu bazoyithok­ozela i-remix yengoma yakhe ethi Club Controller uDJ Prince Kaybee
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa