Uphawule ngezindaba ezingehli kahle ngaye
AKANANDABA nezindaba ezingelona iqiniso ezihlala zivela ngaye ezinkundleni zokuxhumana uKabelo Motsamai, odume ngelikaPrince Kaybee kubalandeli bomculo wakhe.
Lokhu ukusho enkulumeni ekhethekile neSolezwe njengoba le nsizwa yaseWelkom, eFree State, isemkhankasweni wokuxoxa nabezindaba nge-remix yengoma yayo eshisa izikhotha ethi Club Controller, okuzophuma i-video yayo namhlanje.
UPrince Kaybee uthe ukusabalala kwezindaba zokuthi uyisitabane nezinye akakunaki ngoba uyazi ukuthi uphila mpiloni.
“Indaba yokufakwa ezinkundleni zokuxhumana umama wengane yami ekhala ngokuthi angiyondli kahle ingane yizona zonke izindaba engingazinaki. Kwakumele akhulume nami uma engenelisekile ngemali kodwa nayethi uyayifuna yayiyinkulu ngingeke ngikwazi ukumnika yona,” kuchaza yena.
Uthe ukugxekwa ngalolu daba kwamphatha kabi ngoba abantu babengalazi lonke iqiniso.
“Ngiwumuntu nami ukuba semehlweni omphakathi akusho ukuthi angiphatheki kabi. Indaba yokuxabana noDJ Shimza yenzeka njengoba saba nokungaboni ngaso linye ngenxa yeClub Controller engangiyithole kumnikazi wayo uTNS,” kuchaza yena.
Kule ngoma upike abaculi abahlukene okukhona kubo uBusiswa, Busi, Nokwazi Dlamini, NaakMusiq, Zanda Zakuza noZion.
“Ngijabule ngokuqokwa kumaSAMA, ngiyafisa ukubuya noma nendondo eyodwa kule minxa emithathu engiqokwe kuyo,” kuchaza yena.