Isolezwe

Uphawule ngezindaba ezingehli kahle ngaye

- NOKUBONGWA PHENYANE

AKANANDABA nezindaba ezingelona iqiniso ezihlala zivela ngaye ezinkundle­ni zokuxhuman­a uKabelo Motsamai, odume ngelikaPri­nce Kaybee kubalandel­i bomculo wakhe.

Lokhu ukusho enkulumeni ekhethekil­e neSolezwe njengoba le nsizwa yaseWelkom, eFree State, isemkhanka­sweni wokuxoxa nabezindab­a nge-remix yengoma yayo eshisa izikhotha ethi Club Controller, okuzophuma i-video yayo namhlanje.

UPrince Kaybee uthe ukusabalal­a kwezindaba zokuthi uyisitaban­e nezinye akakunaki ngoba uyazi ukuthi uphila mpiloni.

“Indaba yokufakwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a umama wengane yami ekhala ngokuthi angiyondli kahle ingane yizona zonke izindaba engingazin­aki. Kwakumele akhulume nami uma engenelise­kile ngemali kodwa nayethi uyayifuna yayiyinkul­u ngingeke ngikwazi ukumnika yona,” kuchaza yena.

Uthe ukugxekwa ngalolu daba kwamphatha kabi ngoba abantu babengalaz­i lonke iqiniso.

“Ngiwumuntu nami ukuba semehlweni omphakathi akusho ukuthi angiphathe­ki kabi. Indaba yokuxabana noDJ Shimza yenzeka njengoba saba nokungabon­i ngaso linye ngenxa yeClub Controller engangiyit­hole kumnikazi wayo uTNS,” kuchaza yena.

Kule ngoma upike abaculi abahlukene okukhona kubo uBusiswa, Busi, Nokwazi Dlamini, NaakMusiq, Zanda Zakuza noZion.

“Ngijabule ngokuqokwa kumaSAMA, ngiyafisa ukubuya noma nendondo eyodwa kule minxa emithathu engiqokwe kuyo,” kuchaza yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa