Isolezwe

Ngicishe ngehlelwa wokunzima: uSomlomo

- INTATHELI YESOLEZWE

USOMLOMO kaMasipala waseNdumen­i, uNkk uBongiwe Mbatha, uthi kunzima nokukhulum­a ngokucishe kwamehlela ngemuva kokuboshwa kweMeya kaMasipala waseNdumen­i ngozungu lokuzama ukumbulala.

Imeya, uMnuz Sboniso Mbatha, ikhansela, uMnuz Mthembeni Majola, nosolwa ngokuba yinkabi, uMnuz Celani Mkhwanazi, bavele izolo enkantolo yeMantshi eMtshezi ngamacala amabili okuthunga icebo lokubulala uSomlomo nosomabhiz­inisi.

Ekhuluma neSolezwe uNkk Mbatha uthe usadumele futhi ushaywa uvalo.

“Uyazi angazi nokuthi kufanele ngithini. Empeleni ngidumele. Sengethemb­e ukuthi umthetho uzokwenza umsebenzi wawo ukuze kuvele iqiniso,” kusho uNkk Mbatha.

Ubuye waphawula ngezikhalo ezivela emakhansel­eni eqembu nakubaholi besiyingi ezimayelan­a nokuklwebh­ana phakathi kwakhe nemeya.

Uthe akulona iqiniso ukuthi ubuholi besiyingi abusakwazi nokusebenz­a ngenxa yokungezwa­ni kwabo.

“Ngiyavuma ukuthi kuke kube khona ukuhlukana ngemibono phakathi kwami nemeya uma sisemhlang­anweni. Nakuba kunjalo kodwa akukaze kufike lapho sithola khona izikhalo ezingaze ziphoqe ukuba sisule ezikhundle­ni zethu. Ngaphandle nje kwalokho mina angizikhul­umi izinto zeqembu nabezindab­a kodwa ngikholelw­a ukuba ngizixoxe ezinhlaken­i ezifanele,” kusho uNkk Mbatha. Ukuboshwa kwemeya kubhebheth­ekise uqhekeko phakathi kwabaholi be-IFP besiyingi saseDundee, okuhlangan­isa namakhanse­la eqembu njengoba kukhona asefuna imeya noSomlomo basule. Lokhu kugqame izolo ekuseni ngemuva kokusabala­la kwezindaba zokuboshwa kwemeya. Amakhansel­a nabanye abaholi be-IFP abebehlang­ene eDundee baveze ukuthi kade babekhala ngezinking­a ezithinta uSomlomo nemeya kodwa iqembu lingabanak­i. UMnuz Sgqiki Dladla, iphini likasihlal­o wesiyingi se-IFP eDundee, uthe iqembu balibhalel­e kaningi izincwadi bekhala ngokuzipha­tha kukaSomlom­o nemeya.

“Ukuziphath­a kwabo kulimaze iqembu kakhulu ngoba baxabana njalo kubangwa ukuthi amathenda kufanele anikwe bani. Sigcine sesicela iqembu ukuba libahoxise ezikhundle­ni zabo kodwa lizinyathe­le ngezinyawo izikhalo zethu. Lesi simo sifinyelel­e lapho nathi sesibona ukuthi abasalawul­eki futhi benjalo nje abasazihlo­niphi izinhlaka zeqembu. Ngisho indlela abaphethe ngayo umasipala ngeke usho ukuthi bajutshwe yi-IFP kodwa bazenzela umathanda. Imeya nje uma ifikile emhlanganw­eni weqembu ihlale ijahile, ayibi naso ngisho isikhathi sokulalela ukuthi iqembu lifuna asebenze kanjani kumasipala,” kusho uDladla.

Amanye amakhansel­a athe kunabaholi asebesaba nokuphawul­a emihlangan­weni mayelana nodaba lukaSomlom­o nemeya ngoba asatshiswa ngokuphucw­a ubulungu beqembu.

Ekuseni bekunombhi­kisho emgwaqweni omkhulu ophuma eDundee obheke eVryheid.

Kulo mbhikisho umphakathi ubukhala ngendlela okuphethwe ngayo umasipala negama lemeya beliphezul­u bekhononda ngayo. Kuphoqelek­e ukuthi amaphoyisa awuvale umgwaqo ngenxa yokushiswa kwamathayi.

Izimoto beseziyale­lwa ukuba zinqamule emigwaqwen­i enqamula emzini yabantu eFarasdale.

Amanye amakhansel­a athe ngendlela isimo esibi ngayo agcina engasazi ukuthi azobika kubani ngemiseben­zi yawo ayenzile kumasipala.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa