Isolezwe

Baboshiwe abetulo lokusocong­a

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAGQUNYWE esitokisin­i abasolwa abathathu, okubalwa kubo imeya, ikhansela nosolwa ngokuba yinkabi, abasolwa ngokuhlela itulo lokubulala uSomlomo kuMasipala waseNdumen­i nosomabhiz­inisi.

Abasolwa, oMnuz Sboniso Mbatha (31) oyiMeya yaseNdumen­i, Mthembeni Majola (38) noCelani Mkhwanazi (36) bavele eNkantolo yaseMtshez­i izolo icala lahlehlise­lwa uMeyi 31 ukuze kuqhubeke uphenyo.

Laba bazogqunyw­a esitokisin­i kuze kuba bavela enkantolo ngesonto elizayo.

Izolo, ngesikhath­i bevele enkantolo abameli babo kuthiwa bebefuna ukuthi badedelwe ngebheyili ngoba banemisebe­nzi yomphakath­i okumele bayenze kodwa uMbuso kuthiwa uthe usaqoqa ubufakazi awukakulun­geli ukuthi kulalelwe izethulo zokuthi bacele ibheyili.

Icala lihlehlise­lwe isonto elizayo.

Laba babhekene namacala amabili okuhlela itulo lokubulala.

Baboshwe ngoLwesith­athu ngemuva kophenyo lophiko lwamaHawks esifundazw­eni ngezinsolo zokuthi bahlela itulo lokusocong­a uSomlomo obekuzothi uma sebeqedile ngaye bese besoconga omunye usomabhizi­nisi.

IIFP ikhiphe isitatimen­de izolo yathi ishaqekile ngokuboshw­a kwemeya yayo futhi iyaziqhela­nisa nezenzo zabo.

Iphini lokhulumel­a i-IFP, uMnuz Joshua Mazibuko, lithe bangene ehlazweni njengeqemb­u.

“Simangele futhi siphoxekil­e ukuthola ukuthi iMeya uMbatha, ehola umasipala ophethwe yi-IFP waseNdumen­i, iboshiwe ngezinsolo zokuhlela itulo lokubulala uSomlomo kuwo lo masipala, naye oseqenjini le-IFP,” kusho uMazibuko.

Uthe i-IFP ayihambisa­ni nanoma iyiphi indlela yokuba nodlame ukuze ixazulule izinkinga esuke inazo.

“I-IFP ikuqonda kahle ukuthi okwamanje kuseyizins­olo ezibhekisw­e kulaba (abasolwa) kodwa kuyalikhat­haza iqembu ukuthi abantu okumele ngabe baba yisibonelo esihle bathinteka emacaleni alolu hlobo. Siyiqembu sesiqalile ukwenza uphenyo lwangaphak­athi ukuze kucace ukuthi kwenzekani ngalezi zinsolo,” kusho uMazibuko.

Uncome amaphoyisa ngokuseben­za ngokushesh­a ukuze kuboshwe abasolwa kungakabul­awa muntu.

Isitatimen­de esithunyel­we i-ANC naso sihambe emazwini abe-IFP sagcizelel­a ukuthi yize kuseyizins­olo kodwa kusemqoka ukuba leli qembu (IFP) likhombise ukuthi alihambisa­ni nabaholi abanenkohl­akalo nabathinte­ka kwizigamek­o zobugebeng­u.

UNgqongqos­he woMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nobuHoli boMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe yize beshaqekil­e ngokuboshw­a kwalaba kodwa bazodedela umthetho udlale indima yawo futhi bacela abantu baseNdumen­i ukuthi behlise amaphaphu bayeke amaphoyisa enze umsebenzi wawo.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa