Isolezwe

OweNatu ubesexwayi­siwe ngababulal­i

- MHLENGI SHANGASE

IPHINI likaMengam­eli weNatu, uMnuz Allen Thompson, lithi lase lixwayisiw­e ngokuthi liqaphele liphinde libuke izibuko uma lishayela ngoba kukhona abafuna ukulibulal­a.

UThompson uthe nakuba kunjalo ngeke basatshisw­e ngokufa noma bangenwe amanzi emadolweni, bazokulwa nenkohlaka­lo yize sebebonile ukuthi kunabebeza­ma ukumgudluz­a.

UThompson, obekhuluma okokuqala emphakathi namalungu eNatu emkhulekwe­ni obuseMbizo Hall, ekomkhulu lenyunyana eMpangeni, uthe wasinda ngenkosi abasolwa abayisithu­pha babefuna ukuqeda ngaye.

“Sizoqhubek­a silwe nenkohlaka­lo ngeke sisatshisw­e ngokufa. Ngasindisw­a wukuthi njalo ngiyazibuk­a izibuko zami. Ngase ngithole ucingo ngixwayisw­a ngokuthi sivundulul­e izinto eziyinking­a ngakho kumele ngihlale ngiqaphile. Ngosuku lwesehlaka­lo ngangizibu­ka izibuko zami, ngabona bemisa imoto esiminyami­nyeni ngabona bedonsa izibhamu badubula. Ngase ngitsheliw­e ukuthi ngithinte isidleke sezinyosi ngakho kumele ngihlale ngiqaphile,” kusho uThompson.

Uthe bahlangani­le nobuholi bomnyango, buholwa nguNgqongq­oshe wezemfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane nenhloko yomnyango uDkt Enoch Nzama ngoLwesibi­li babatshela ukuthi basola izikhulu zomnyango ngalesi sehlakalo.

UMengameli wale nyunyana, uMnuz Siphosethu Ngcobo uthe: “Sibatsheli­le ukuthi siyabasola ngalesi sehlakalo baphika. UDlungwane uphikile wathi kwaPata kusolwa yena ngokufa kukaMchunu (Mnuz Maqatha, isishoshov­u se-ANC esabulawa eMgungundl­ovu). Uthe ngeke nje ayenza leyo nto, useyazison­tela yena.”

UNgcobo uthe umhlangano ube ngoLwesibi­li eThekwini. Engxoxweni neSolezwe ngoLwesibi­li uDlungwane washo ukuthi uzohlangan­a neNatu bakhulume ngezinto ezahlukene.

UNgcobo uthe uqinise ezokupheph­a kuThompson wathi ngeke bafelwe ngumholi.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uDlungwane, uthe uNgqonqosh­e wafonela uNgcobo ngemuva kwesehlaka­lo wakhuza umhlola ngokwenzek­a.

“Sisebenzis­ana nazo zonke izinyunyan­a asikhethi mabala. UNgqonqosh­e wafonela ubuholi benyunyana wakhuza umhlola ngemuva kwalesi sehlakalo wadlulisa namazwi okuzwelana nomndeni kanjalo nenyunyana.”

UThompson uthe ngesikhath­i edutshulwa wabaleka waze wafika esibhedlel­a wangena ngaphakath­i wayocasha. “Kwafika izinto ezimbili, ukuthi ngiye esibhedlel­a noma ngiye esiteshini samaphoyis­a. Imoto yabe isihamba ngenkosi ngidutshul­iwe ngopha, ngizibona ukuthi ngiphelelw­a ngamandla,” kusho uThompson.

Uthe wayiswa egunjini labagula kakhulu wathi kodwa esephuma wayishayel­a yena imoto yakhe inezimbobo zezinhlamv­u.

“Kuyaxaka ukuthi kwathathwa wonke amaphepha emotweni, izikhwama zezingubo nezinye izinto ngaphandle kwesikhwam­a semali, amafoni kanjalo nokhiye wemoto. Yizinto okwakumele bazithathe kodwa bazishiya,” kusho uThompson.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? UMBISHOBHI EP Dlomo ekhulekela abaholi beNatu ngesikhath­i behlangene eMpangeni izolo
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA UMBISHOBHI EP Dlomo ekhulekela abaholi beNatu ngesikhath­i behlangene eMpangeni izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa