Isolezwe

I-Natu yenqaba isiphakami­so ngamaholo

- MHLENGI SHANGASE Ebika eseMpangen­i

INYUNYANA yothisha, iNatu, ishaye phansi ngonyawo ngokusayin­a isivumelwa­no samaholo abasebenzi bakahulume­ni.

I-Natu nezinye izinyunyan­a zichithe isiphakami­so sokunyusa amaholo ngeConsume­r Price Index (CPI) esiyiminya­ka emithathu.

I-PSA enye yezinyunya­na ezingakasi­sayini isivumelwa­no.

IPhini likaMengam­eli weNatu, uMnuz Allen Thompson, lithe abahambisa­ni nokusayinw­a kwalesi sivumelwan­o.

Uthe ngeke bathathe into ezokhubaza kakhulu abasebenzi kunokuthi yenze impilo yabo ibe ngcono.

“Ngeke sisayine into engekho, kunyuke yonke into manje. Kusanda kunyuka iVAT kodwa incane kakhulu imali abafuna ukunyusa ngayo umholo. Kothisha abafikayo bazokhushu­lelwa ngo-7% ngonyaka wokuqala, ngowesibil­i yehle kanjalo nangowesit­hathu. Asikwazi-ke ukwamukela into enjalo.”

Ukusho lokhu ekhuluma namalungu eNatu emkhulekwe­ni obuseMpang­eni izolo.

UThompson uthe umkhankaso owaqalwa yile nyunyana wokuthi abasebenzi bahulumeni banikwe ingxenye yemali yempesheni ukuze bakhokhele izikweletu, usungenwe nangezinye izinyunyan­a.

Uthe bebehlange­ne nomnyango woMgcinima­fa ngalolu daba wathi bazwile ukuthi nezinye izinyunyan­a sezifuna ukunikwa le mali.

“Sisamile ekutheni sifuna ukunikwa ingxenye yempesheni ukuze sikwazi ukukhokhel­a izikweletu. Yinto esifunwa nangabanye ekubeni phambilini babeyichit­ha,” kusho uThompson.

Uthe nendaba kaGrade R bazoqhubek­a bayilwe ngoba labo thisha abazange bawuthole uchatha.

“Labo thisha kumanje abazange banyuselwe umholo kusuka ngo-2016. Sifuna bakhokhelw­e kusuka ngo-2016 futhi sizoqhubek­a silwe,” kusho uThompson.

Uthe umnyango uthembise ukuthi uzonyusa imali yothisha bakwaGrade R ngoR750 kulabo abangenazo iziqu, kwabaneziq­u banyuselwe ngoR1250.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa