Isolezwe

Kuphenywa isikole saseThekwi­ni ngezinsolo zokukhwaba­nisa

- PHILI MJOLI

KUPHENYWA isikole saseThekwi­ni esixube izinhlanga ngezinsolo zokukhwaba­nisa.

UMnyango wezeMfundo esifundazw­eni uthe uzoqala uphenyo ngezinsolo ezibikwe kuwo ngesikole iGeorge Campbell Technical. Lesi sikole phakathi kwezinto esisolwa ngazo kuthiwa asiyilande­li imigomo elawula ukukhethwa kwesigungu sabazali, iSchool Governing Body (SGB), futhi sinikeza othisha abathile imihlomulo engagunyaz­iwe.

UMnuz Kwazi Mthethwa, woMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe, uthe umnyango ubikelwe ukuthi lesi sikole siphethwe ngendlela engagculis­i okuhlangan­isa ukukhwaban­isa, ukukhokhel­wa kothisha abathile imihlomulo.

Uthe inhloko yomnyango uDkt Enock Nzama isiqoke ithimba labasebenz­i abasebenza enhlokohho­visi yomnyango ukuthi liphenye ligxile enkohlakal­weni nokukhwaba­nisa, ukweba, ukungaland­elwa kwemitheth­o yokukhethw­a kwesigungu esilawula isikole, ukunikezwa kwemihlomu­lo engagunyaz­iwe kothisha abathile nokweba.

Uqhube wathi kulindelek­e ukuthi ithimba likhiphe imiphumela yesikhasha­na ehambisana neziphakam­iso maduze.

Uthe ngenxa yokubucayi beminining­wane ebikelwe umnyango ngeke idalulwe eminye imininingw­ane ngalo.

“Sinxusa abantu abathintek­ayo kulolu daba ukuthi babambisan­e nethimba elenza uphenyo,” kusho yena.

Lesi sikole sike saba sezindaben­i nyakenye ngesikhath­i abafundi abamnyama bebhikisha bekhala ngokuthi othisha abamhlophe bayabacwas­a, bababiza ngezinkawu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa