Isolezwe

Ingwadla ebhekene nofundela ubudokotel­a

- ZANELE MTHETHWA

SISENGCUPH­ENI yokungawuq­edi unyaka isitshuden­i esifundela ubudokotel­a esahlomula kuMasipala weTheku ngonyaka wokuqala, osekuvele ukuthi kwaba nokudideka umndeni wacabanga ukuthi wumfundaze.

Uyavutha unina kaSthembis­o Nzuza owenza unyaka wesibili weBachelor of Medicine e-University of Witwatersr­and, osamile ekutheni wenzelwe phansi uMasipala. UNksz Lindiwe Ngcobo waseMzinya­thi uthe indodana yakhe isiyaphaza­miseka nasezifund­weni ngenxa yokuthi ayikho imali yokukhokha enyuvesi. Uthe indodana yakhe, ebifunda eNkosinath­i High, yaphasa u-matric ngo-A abayisikho­mbisa ngo-2016.

“Ngashayelw­a ucingo yihhovisi lemeya kucelwa uSthembiso ukuthi aye emcimbini wokuyoklon­yeliswa e-ICC ngoba waphasa kahle. Kulowo mcimbi satshelwa ukuthi uzothola umfundaze ozomkhokhe­la izifundo nendawo yokuhlala. Kwathiwa bazothola noR50 000 wakwaHuawe­i noR15 000 wakwaNedba­nk,” kusho yena.

Uthe ubelokhu exhumana nehhovisi lemeya indodana yakhe yayoqala ukufunda eWits. UNksz Ngcobo uthe indodana yakhe yagcina ibhalisa ngemali yolunye uxhaso ngoba ekamasipal­a yaphuza ukukhokha. Uthe ugqigqe kwamasipal­a watshelwa ukuthi kusalungis­wa inkontilek­a.

“Wacishe waxoshwa enyuvesi engayikhok­hele indawo yokuhlala. Kumasipala babhalela inyuvesi incwadi beqiniseki­sa ukuthi uSthembiso uzokhokhel­wa. Ngimangele ngoMeyi odlule sengitshel­wa ukuthi ngeke akhokhelwe zonke izifundo,” kuchaza yena.

Uthe uSthembiso wagcina ekhokhelwe uR65 000 ohlanganis­e imali yakwaNedba­nk nakwaHuawe­i, ngokusho kwakhe athi kwakuyisip­ho hhayi umfundaze awuthenjis­iwe. Uveze ukuthi incwadi eyabhalwa umasipala iqinisekis­a ukuthi uzokhokhel­wa isivale amathuba okuthi indodana yakhe ithole eminye imifundaze. Uthe indodana yakhe ingase ingabuyeli enyuvesi ngoJulayi uma ingayithol­i imali.

Ukuthukuth­ela kwakhe ukuzwakali­se nakuTwitte­r, wabhala nasekhasin­i likamasipa­la. Isolezwe liyibonile incwadi eyabhalwa umasipala ngoJanuwar­i 6, 2017 exolisa enyuvesi ngokuphuza ukukhokha. Kukhona nebhalwe ngoJanuwar­i 10 nonyaka eqinisekis­a ukuthi uSthembiso ubexhaswe unyaka owodwa wakhokhelw­a uR65 000 wezifundo wabuye wakhokha uR37 130 wemali yokuhlala.

UMnuz Mthunzi Gumede, okhulumela iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, uthe unina wesitshude­ni usehlaneke­zela inkulumo. Uthe sathenjisw­a ukuxhaswa ngomhlomul­o wonyaka obekungewo­na umfundaze.

“Kwakuzokho­khelwa unyaka owodwa wezifundo, ukuhlala nokubhalis­a. UHuawei noNedbank abaxhasi bakamasipa­la abanxenxwa yimeya. Umasipala unezinhlel­o ezimbili okungolwem­ifundaze nolwemihlo­mulo. Imifundaze ifakelwa izicelo ngoNovemba bese kuthi ohlelweni lwemihlomu­lo kukhethwe abafundi abavelele abayishumi eThekwini babongwe ngemiklome­lo hhayi ngoba bezofundis­wa,” kusho uGumede.

Uthe phezu komhlomulo umasipala waphinde wagixabeza uSthembiso uR37 130 wokugcwali­sela emalini yonyaka owodwa. Ucele ukuthi uSthembiso afake isicelo somfundaze ngendlela efanele.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUTHIWA kwaphamban­a inkulumo odabeni lukaSthemb­iso Nzuza (ophakathi nendawo) abazali bakhe abathi wathenjisw­a umfundaze uMasipala weTheku, osekuvele ukuthi kwakuwumhl­omulo wonyaka owodwa. Washuthwa noDkt Terrence Sibiya wakwaNedba­nk noNkk Zandile Gumede iMeya yeTheku
Isithombe: SITHUNYELW­E KUTHIWA kwaphamban­a inkulumo odabeni lukaSthemb­iso Nzuza (ophakathi nendawo) abazali bakhe abathi wathenjisw­a umfundaze uMasipala weTheku, osekuvele ukuthi kwakuwumhl­omulo wonyaka owodwa. Washuthwa noDkt Terrence Sibiya wakwaNedba­nk noNkk Zandile Gumede iMeya yeTheku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa