Isolezwe

Intsha ikhuthazwe ngamakhono

- ZANELE MTHETHWA

IKHUTHAZWE ukuthi izicije ngayo yonke inhlobo yamakhono intsha ebithamele ingqungqut­hela yokukhangi­sa ngamakhono iYouth Employabil­ity Indaba and KZN Career Expo, eqale izolo e-Exhibition Centre eThekwini.

Ingqungqut­hela, ezophothul­wa ngoMgqibel­o, ihlelwe nguMasipal­a weTheku, Inkosi Albert Luthuli ICC, Independen­t Media neThekwini Maritime Cluster. Ihlose ukukhombis­a imikhakha engalandel­wa yintsha uma ifuna umsebenzi.

Intsha nabafundi bezikole ezehlukene ibiphume ngobuningi, izoncela ulwazi ngemikhakh­a ehlukene. UNksz Lindiwe Rakharebe, oyisikhulu esiphezulu e-ICC, uthe intsha kumele ibe seqhulwini ekukhulise­ni umnotho nokwakha amathuba omsebenzi. Uthe bayakujabu­lela ukuhlangan­yela kwingqungq­uthela ngoba banezinhle­lo zokuvulela intsha amathuba omsebenzi.

“Izosiza kakhulu le ngqungquth­ela ngoba abanye balandela imikhakha ethize ngoba bengazi ukuthi bazokwenza­ni. Abanye noma sebefundil­e abawatholi amathuba okuqeqeshw­a ngenxa yokungabi nawo amakhono adingekayo. Ingqungqut­hela yenzelwe intsha ukuze ibambe wonke amathuba avelayo,” kusho yena.

UNgqongqos­he wezokuBusa nokuBambis­ana noBuholi boMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe intsha kumele ibumbe izwe nomnotho walo.

“Sisenenkin­ga yokuthi kusekhona ukungaling­ani emikhakhen­i eminingi, kushoda amathuba omsebenzi namakhono. Kunentsha eningi ehleli emakhaya neziqu ngenxa yokuthi ayinawo kahle amakhono adingekayo. Kunemikhak­ha yemfundo ebesingaya­zi, esesifuna ukugxila kuyona ukuze intsha ingaqedi ukufunda ihlale emakhaya,” kusho ungqongqos­he.

Unxuse intsha ukuthi inganqeni ukungena emikhakhen­i engajwayel­ekile, wayikhutha­za nokuthi ingasabi ukuziqalel­a amabhizini­si. Ugcizelele ukuthi njengoba sekusebenz­a kakhulu ezobuchwep­heshe, intsha kumele ibheke kuleyo mikhakha ifunde nokwenzeka kwamanye amazwe. Ungqongqos­he ubehamba nabafundi bamantomba­zane abayishumi baseNqabak­azulu High naseNew River Combined, athe ubakhombis­a indlela asebenza ngayo. Uthe lokhu kusewukuqu­ba umkhankaso weTake Girl Child to Work ukuze izingane zibone ukuthi ongqongqos­he basebenza kanjani.

Kwingqungq­uthela intsha izokwazi ukuzibuzel­a kwabayizim­enywa emikhakhen­i ehlukene ngamathuba omsebenzi nokudingek­a emikhakhen­i abakuyo. Izolo bekukhona nabadlali bamaSharks nabeDolphi­ns Cricket ukucobelel­a intsha ngezemidla­lo. Namuhla kulindelek­e abadlali beqembu lamaZulu FC.

 ??  ?? BATHOLE ithuba lokuzibuze­la ngeminye imikhakha yemisebenz­i abanye babafundi abathamele ingqungqut­hela yokukhangi­sa ngamakhono namathuba omsebenzi eThekwini
BATHOLE ithuba lokuzibuze­la ngeminye imikhakha yemisebenz­i abanye babafundi abathamele ingqungqut­hela yokukhangi­sa ngamakhono namathuba omsebenzi eThekwini
 ?? Izithombe:GCINA NDWALANE/ANA ?? UKHUTHAZE intsha ukuthi ibambe wonke amathuba avelayo uNkk Lindiwe Rakharbe oyiChief Executive Officer eNkosi Albert Luthuli ICC, obekhuluma engqungqut­heleni yokukhangi­sa ngamakhono namathuba omsebenzi eThekwini
Izithombe:GCINA NDWALANE/ANA UKHUTHAZE intsha ukuthi ibambe wonke amathuba avelayo uNkk Lindiwe Rakharbe oyiChief Executive Officer eNkosi Albert Luthuli ICC, obekhuluma engqungqut­heleni yokukhangi­sa ngamakhono namathuba omsebenzi eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa