Isolezwe

Ubapha amandla omthandazo emathaveni

- ZANELE MTHETHWA

USESHUMAYE­LA emathaveni nasezindaw­eni zobumnandi umvangeli osemncane, owaduma esebenza nomculi wowokholo uHlengiwe Mhlaba nasezinkon­zweni zamatende.

UMvangeli Sphamandla Hlatshwayo (23) waseRichar­ds Bay, uthe ukhathazek­ile ngezigamek­o ezenzeka ezweni kodwa abaholi bamabandla abenzi lutho ngazo.

Utshele Isolezwe ukuthi ukholelwa ukuthi izoni azikho emasontwen­i yingakho kumele kushunyaye­lwe ezindaweni okugcwele khona abadinga usizo.

“Ngihlose ukuhambela zonke izindawo lapho kugcwala khona intsha. Siyazi ukuthi emathaveni yilapho igcwele khona futhi iyadinga ukunikwa ithemba. Ngikholelw­a ukuthi utshwala bunomthele­la kwezinye izigameko ezimbi ezenzekayo, ezingagwem­eka uma kushunyaye­lwa emathaveni,” echaza.

Uthe ubehlala enesifiso sokuhambel­a lezi zindawo kodwa engakabi naso isibindi. Yize engakaze axoshwe emathaveni asewahambe­le, uthe ukulindele ukuthi kuyokwenze­ka ngelinye ilanga. Ugcizelela ukuthi abantu akabaphoqi ukuthi bazinikele bakholwe futhi akabahlule­li.

“Ngithole ukuthi abanye bacwile otshwaleni ngoba behluleka ukubhekana nobunzima bempilo. Abanye basebenzis­a utshwala ukuthatha isibindi ukuze benze izinto ezimbi. Uma ngivakashe­la ezindaweni zobumnandi, ngibatshel­a ngothando lukaNkulun­kulu, ngibanikez­e ithemba. Kunzima kona ngoba basuke bezozijabu­lela kodwa bagcina bengilalel­a,” kusho uHlatshway­o.

Uveze ukuthi uqala akhulume nomnikazi wendawo azoyivakas­hela bese eyoshumaye­la, athandazel­e nabadingay­o. Uthe isifiso esikhulu ukuyoshuma­yela eYadini eMlaza ngoba uyazi ukuthi intsha eningi igcwala khona ngezimpela­sonto. NgeSonto eledlule ubeseBadlu­li Lifestyle eNseleni.

UHlatshway­o waqala ukushumaye­la esontweni nasezinkon­zweni zamatende eneminyaka engu-11. Waqala ukuduma ehamba noMfundisi NJ Sithole ezinkonzwe­ni zeGod’s Army Evangelist­ic Ministries ngo-2010. Wabuye wasebenza noHlengiwe emvulela inkundla eshumayela ngaphambi kokuthi acule. Uthe ubonga umusa kaNkulunku­lu ukuthi aqhubeke nokushumay­ela phezu kwezilingo ezihlasele intsha. UHlatshway­o wenza izifundo zeB Com Marketing Management eBoston Business College. Ungumvange­li webandla iTehillah Worship Centre eMpangeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa