Isolezwe

Bagxeka ukuthintek­a konogada

- INTATHELI YESOLEZWE

IPRIVATE Security Industry Regulatory Authority (PSIRA) isigxeke ukudubula okuthintek­a kuko nonogada okuthiwa basebenzel­a inkampani yaKwaZulu-Natal esenzeke eBrakpan, eGoli.

Ekudubulen­i okuthiwa kwenzeke ngoLwesith­athu ekuseni kuqhume inganono kwalimala abantu abane, abanye bafa. Okhulumela iPSIRA, uMnuz Darlington Morudi, uthe isikhulu esiphezulu kwaPSIRA, uMnuz Manabela Chauke, usigxekile isenzo okuthiwa sihlangene nemboni yamatekisi.

Uthe uphenyo lwabo lwesikhash­ana luveza ukuthi kukhona abafile nabalimele. Kuthiwa kukhona onogada abawu-8 ababoshiwe ababhalisw­e ngaphansi kwabo, abayisithu­pha kubo abasebenze­la inkampani Ingonyama VIP Security yaKwaZulu-Natal.

Uthe amaphoyisa azophenya abese eyakuqinis­ekisa ukuthi abasolwa bakulungel­e yini ukuphatha izibhamu.

UChauke uncome amaphoyisa ngokuphuth­uma endaweni yobugebeng­u wathi bona bayohlala bebambisen­e namaphoyis­a ngaso sonke isikhathi ukuze abaphule umthetho babhekane nengalo yomthetho.

Uthe bakhathaze­kile ngezenzo eziningi zodlame ezithinta onogada bezinkampa­ni ezizimele. Uthe ngeke kubekezele­lwe ubugebengu obugqugquz­elwa yizinkampa­ni zonogada ezizimele.

‘’Onogada bangabokuq­ala okufanele baqiniseki­se ukugcinwa komthetho ngoba yibona abasekhale­ni lempi yobugebeng­u. Kubaluleki­le ukuthi bahlale beziphethe ngendlela egqugquzel­a ezokupheph­a. Ithimba lethu labaphenyi luyaphenya ukuze kuvele onke amaqiniso,’’ kusho uChauke.

Ngemuva kwesehlo ivaliwe irenki.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa