Isolezwe

Isexwayiso somnyango ngezicelo ze-UIF

- INTATHELI YESOLEZWE

UMNYANGO wezaBasebe­nzi kuzwelonke usunxuse abantu ukuthi bangazifak­i izicelo zemali ye-Unemployme­nt Insurance Fund (UIF) ngokungemt­hetho ngoba bazoboshwa bagwetshwe.

Lo mnyango ukhiphe lesi sixwayiso ngemuva kokuboshwa kwabantu abathathu eMgungundl­ovu ngoLwesith­athu ngamacala okufaka izicelo zemali ye-UIF enguR100 000 ngokungemt­hetho.

Okhulumela uMnyango wezaBasebe­nzi, uMnuz Teboho Thejane, uthe abasolwa babanjwe abophiko lweRisk Management kulo mnyango, uphiko olulwa nokukhwaba­nisa i-Anti Fraud and Intergrity Management bebambisen­e namaphoyis­a akwaSAPS ngemuva kokuthi abasehhovi­si lomnyango eMgungundl­ovu bebambe lo mkhonyovu ngesonto eledlule.

IPhini likaMqondi­si weRisk Management, Anti-Fraud and Intergrity Management, uMnuz Sibongisen­i Mpanza, lithe uphiko lwabo lucuphe unoxhaka namaphoyis­a bacela abasolwa ukuthi babuyele emahhovisi omnyango ngoLwesith­athu ukuze kuqedelwe uhlelo lokufaka isicelo semali bese beyakhokhe­lwa.

“Abasolwa bafake imininingw­ane engeyiyo yasemseben­zini. Omunye wabasolwa wathi usebenza kwaKFC, omunye wathi usebenza kwa-Affirmativ­e Portfolios kanti owokugcina wathi usebenzi eRoyal Mnandi. Kuthe uma sekubhekwa nalezi zinkampani ukuthi banabo yini laba basebenzi babaphika,” kusho uMpanza.

Uthe omunye umsolwa ubene-payslip engumbomba­yi.

UMpanza uthe abasolwa babuziwe ngalo mkhonyovu bagcina bekhulume iqiniso basho ukuthi abakaze basebenzel­e lezi zinkampani, babe sebeboshwa babekwa amacala.

Umsolwa wokuqala kuthiwa wafaka isicelo sikaR29 747, owesibili wafaka isicelo sikaR34 000 kwathi owokugcina wafaka eka36 200.

Kucelwa noma ngubani onolwazi ngabakhwab­anisa imali yomnyango ukuthi badlulisel­e lolu lwazi ku-08600 22194 noma bathumele i-email ku-fraud@labour.gov.za

 ??  ?? SIPHO ‘SOMJOMO’ MBATHA
SIPHO ‘SOMJOMO’ MBATHA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa