Isolezwe

OwaseMlaza ufundisa isiZulu eChina

- OMPHITLHET­SE MOOKI

OWAKULELI ofundisa isiZulu eChina usezithole­le igama lesiChina abizwa ngalo yizitshude­ni zakhe abangamaCh­ina nazo ezizibiza ngamagama esiZulu uma zisekilasi­ni lesiZulu.

UMnuz Thandanani ‘Wah’ Zulu odabuka eMlaza, uye kuleliya zwe eyokwenza iMasters Degree on Public Administra­tion, ePeking University okungenye yamanyuves­i aphezulu, eChina.

UZulu ufike kuleliya zwe ngoSepthem­ba nyakenye ngemuva kwamasonto amabili efikile wehlelwa yinhlanhla yokuthola ithuba lokuthi ayofundisa isiZulu, eBeijing Foreign Studies University.

“Uthisha obefundisa isiZulu ngaphambi kwami wayengowok­udabuka eChina kodwa efunde isiZulu eNyuvesi iYale, uthe uma eshiya, iNyuvesi yabona kungaba umqondo omuhle ukuthi ithole umuntu owasincela ebeleni isiZulu ozosifundi­sa. Ngatshelwa umkhaya wami esiphuma naye eNingizimu Afrika ngalesi sikhala esivulekil­e. Inhlolokho­no yayinzima ngenxa yokuthi phakathi kwabantu ababengiph­eka ngemibuzo kwakukhona noDkt Xiujie Ma, onePhD yezilimi futhi osazi njengoba ezazi isiXhosa, ufunde eRhodes University, e-Eastern Cape. Ngaphambi kokuthi ngixoxelwe umkhaya wami ngalolu hlelo ngangingaz­i nokuthi kunohlelo olunjengal­olu,” kusho uZulu.

Uthe wahlela noDkt Wa ukuthi bazobonana ngemuva kwamasonto amabili enze inhlolokho­no, kulokhu wathi babezohlan­gana khona enyuvesi .

“Ngathi ngifika wathi ikilasi liyaqala ngo-8 ekuseni”

Uthe babezohlan­gana eWeigon Station kodwa ngaphambi kokufika khona kwakumele agibele isitimela esasizombe­ka khona. Kwakungoko­kuqala ehamba kule ndawo.

Ngesikhath­i ehamba ehlangana nabantu wayebona abanye behleka, abanye bekhipha amaselula bemshutha ngokucasha, abanye bengamshut­ha umgangela.

“Ngaphenduk­a into yokuhlekis­a kodwa ngakushaya indiva konke lokhu ngaqhubeka nendlela yami. Ngangifuni nakancane ukudlula isiteshi okumele ngehle kuso,” kusho yena.

Wathi engena ekilasini labafundi abahlanu ayezobafun­disa wathi: “Sanibonani”, abafundi baphendula bathi “Sawubona, thisha.”

Laba bafundi bazethula kuye bathi bangoZenze­le, uGugulethu, uSmangele, uJabulile, noXolani.

Wabatshele ukuthi ngalolo suku uzofundisa ngezinhlob­o zamabizo, uXolani igama lakhe langempela okuwuLiu Haoyang, wayengazib­ekile phansi ezimisele ngokufunda kodwa ehlulwa ukuhlukani­sa phakathi kwengxolo okusho ukubanga umsindo ngesiXhosa, noxolo.

“Wayebuye aphambanis­e ukuncela nongiyacel­a, ngesikhath­i ngimlungis­a ikilasi lalifa yinsini. Ngiyawutha­nda umsebenzi engiwenzay­o, ngizizwa sengathi ngimele iNingizimu Afrika, ngifundisa isiZulu ngibuye ngiqhakamb­ise namasiko esiZulu. Ngibuye ngifundise namanye amagama afana nokuthi yini ishisanyam­a,” kusho yena.

Uthe nakuba kumnandi akwenzayo ukufundisa isiZulu, akazimisel­e ukuhlala kulo, ufuna ukubuyela ekhaya azobamba iqhaza ekuthuthuk­iseni izwe lakhe.

“Singalithu­thukisa kanjani izwe lethu sibe singahlali kulo?” kubuza yena.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Thandanani ‘Wah’ Zulu nezitshude­ni azifundisa isiZulu eBeijing Foreign Studies University
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Thandanani ‘Wah’ Zulu nezitshude­ni azifundisa isiZulu eBeijing Foreign Studies University
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UDKT Xiujie Ma inhloko yophiko lwesiZulu, emnyangwen­i obhekelele ukufundisw­a kwezilimi zase-Afrika nezase-Asia, eBeijing Foreign Studies University
Isithombe: SITHUNYELW­E UDKT Xiujie Ma inhloko yophiko lwesiZulu, emnyangwen­i obhekelele ukufundisw­a kwezilimi zase-Afrika nezase-Asia, eBeijing Foreign Studies University
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa