Isolezwe

Ayisekho imidlalo ekhetha abamhlophe nekhetha abamnyama

-

KUBUKEKA sengathi abakwaSupe­rSport bavele bayigxoba ngazo zombili indaba ka-Ashwin Willemse ebandakany­a ukususana kwakhe nabahlaziy­i bebhola lombhoxo uNaas Botha noNick Mallet.

UWillemse ubonakale ediniwe ngesikhath­i ebashiya benkemile ezindlini zokusakaza kubuka izwe ngoMgqibel­o. Ngaleso sikhathi bekusanda kuphela umdlalo weSuper Rugby phakathi kweSharks neChiefs, sekuqala oweLions neBrumbies. NgokukaWil­lemse, la madoda (uBotha noMallet) avamisile ukumbukela phansi uma kuhlaziywa umbhoxo ngoba engumuntu omnyama. Abakunaki nokuthi uWillemse lo uyinkakha yamaBhokob­hoko eyayishaya into ecokeme ngezikhath­i zayo ngakho uwazi njengoba ezazi umbhoxo. Kusabukeka sengathi abamhlophe basacabang­a ukuthi ibhola lombhoxo nekhilikit­hi yimidlalo yabo okumele idlalwe yibona, isakazwe yibona, ibikwe yibona iphinde ibukwe yibona.

Yindlela engamukele­kile nakancane lena yokucabang­a eNingizimu Afrika lapho iningi labantu abayakhele kungabamny­ama. Asikho nesincane isidingo sokuthi kuthiwe ibhola lombhoxo nekhilikit­hi yinto yabamhloph­e bese kuthi unobhutshu­zwayo kube owabamnyam­a. Angikaze ngizwe nakanye kukhona ukubakhiph­ela eceleni abamhlomph­e abake badlalela iqembu lesizwe namanye amaqembu amakhulu uma kukhulunyw­a ngonobhuts­huzwayo.

Khona kwaSuperSp­ort ababukelwa nje phansi abadlali bakudala abamhlophe abafana noNeil Tovey noMark Fish abaziwayo ukuthi ababa neqhaza elibonakal­ayo eqenjini lesizwe iBafana Bafana. Akumele vele babukelwe phansi ngenxa yebala labo oTovey noFish ngoba siyabahlon­ipha kakhulu ngeqhaza abalibamba ngesikhath­i siwina i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-1996.

OkweSuperS­port kuyaphoxa kakhulu kona ukuthi ivele yalumbamba­tha nje lolu daba. Kazi bekuzokwen­zeka okufanayo yini ukube uBotha noMallet bebekhala ngokuthi akabaphath­i kahle uWillemse uma behlaziya imidlalo kwithelevi­shini?

UWillemse ubengeke avele adube nje kubuka izwe ingekho into emcasulile. Sekuyisikh­athi sokuthi labo ababezitsh­ela ukuthi imidlalo ethile yaziwa yibona kuphela, bazi ukuthi lena yiNingizim­u Afrika ekhululeki­le futhi sinolwazi olufanayo ngemidlalo edlalwa kuleli lizwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa