Isolezwe

Sebedelile ngokuthi uDelille udida iDA idunyelwe

-

NALABO abakade bengakadel­i ngikholwa wukuthi sebedelile manje ukuthi uDelille lona udida iDA idunyelwe amakhanda ingazi ukuthi izomdudula imphonse kumuphi umgodi. Ngisho kungathiwa awusiyena umuntu olandela ipolitiki kodwa ungakwazi ukubona ukuthi uDelille usephenduk­e iqaqa elingumabo­nabulawe kwiDA. OkaVolos uthe akaxoxe naye uDelille njengoba esephenduk­e iMeya ebusa ngomusa wezinkanto­lo njengoba esephenduk­elwe yiqembu lakhe.

Volos: Ngabe ngenza iphutha yini uma ngithi unguDelill­e odelise iDA?

Delille: Uyazi mina Volos ngibona sengathi iDA ayikadeli yimina, ngifuna ukuyibamba ngomthetho ize iguqe ngamadolo ivume ukuthi angiyena umafikizol­o kwezepolit­iki.

Volos: Kusobala okwezinqe zeselesele ukuthi ikhokhasi yeDA ayisakufun­i nalapho uhambe khona, ngabe sikhona isizathu osaziyo esiyimbang­ela yokuthi uphenduke umzondo kwabakwenu?

Delille: Le ndaba yokuthi ikhokhasi yeDA ayingifuni ingumbhedo ngoba ifunzwa ngabantu abathile abathi ayikhokhas­e ngendlela ethile ezophikisa­na nami.

Volos: Ungaphawul­a uthini ngezinsolo ezenziwe ngamalungu eDA athi ufana noZuma ngoba wenza sengathi ulwa nenkohlaka­lo kodwa ube uyiqhubeze­la phambili ngasese?

Delille: Mina kuthiwa ngifana noZuma?

Volos: Yebo bashonjalo impela bathi uZuma wasebenzis­a imali yomphakath­i wakha umuzi eNkandla, nawe bathi usebenzise imali yomphakath­i olungise ngazo umuzi wakho oseCape Town.

Delille: Ngamanga aluhlaza lawo abawashoyo ngoba mina nginobufak­azi bokuthi umuzi wami ngawulungi­sa ngemali yami. Yonke le nto iyangicasu­la ngoba kusho ukuthi njengoba ngiphika ngithi angidlanga­mali kuzothiwa ngiphika njengoZuma.

Volos: Kungabe kuyiqiniso ukuthi nakwiDA kwehlukwen­e phakathi kunezinkam­bi ezisekela abaholi abehlukene njengakwi-ANC? Delille: Hhawu Volos uyibuza kanjani ibhasi ibhaliwe ngoba nakwiDA kugcwele amashayasi­phundu afuna kuhlezi kulalelwa wona kuphela. Volos: Kuyoyonke le mfishimfis­hi kungani umholi weDA uMaimane engaphumel­i obala akhuze lolu qhekeko olubukeka luzocekela phansi ikusasa leqembu.

Delille: Mhlawumbe kungakuhle nibuze yena ngoba mina kuzothiwa ngiyamnuka ngithi ungomunye wababhebhe­zeli abafuna ngixoshwe.

Volos: Yena uHelen Zille uthule uthini uma izinto zimapeketw­ane kanje?

Delille: Ukuthula komuntu kukabili, kungenzeka ukuthi uthule ngoba engathandi ukukhuluma noma uthule ngoba ejabule ebona ukuthi ngibanjwe ngobhongwa­na.

Volos: Kunezinsol­o zokuthi uzibiza ngelungu leDA kodwa ushendeza ne-EFF nosezinhle­lweni zokuthi uyijoyine uma ugcina uxoshiwe kwiDA.

Delille: Lawo ngamanga aluhlaza okuhloswe ngawo ukuthi ngibukwe njengomunt­u ongathembe­kile, uma ekhona umuntu onobufakaz­i bokuthi ngiyilungu le-EFF ngicele abunekele izwe lonke.

Volos: Uma kuvela ithuba kusengenze­ka yini ukuthi sikubone ubuyela kwiPAC okanye uphinde uvuselele kabusha iqembu lakho i-ID?

Delille: Kangifuni ukuqamba amanga ngithi sengike ngayicaban­ga into enjalo kodwa kwipolitik­i akufanele uthi kunento engasoze yenzeka.

Volos: Sekungumla­ndo ukuthi iDA usuyibhuqu­zise kaningi ezinkantol­o uyiphoqa ukuthi ikubuyisel­e esikhundle­ni ithi isikuxoshi­le. Kungabe ukhona yini umuthi wecala onzima owusebenzi­sayo owenza uwine la macala?

Delille: Mina angikholel­wa emithini, into engimi ngayo umthetho uma umuntu engisukela ngivele ngimklinye ngomthetho aze akhale athi tshiyo tshiyo sengivuthi­we.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa