Isolezwe

Sesiyambon­ga lo nompempe bakithi

-

MHLELI: Ngivumele ngizwakali­se ukungathok­ozi kwami ngezinqumo zakamuva zikanompem­pe uVictor Hlungwani. Abalandeli abaningi bachitha imali enkulu behambela imidlalo yamaqembu abo ukuze beyonikeza umfutho lawo maqembu ezindaweni ezehlukene. Badele isikhathi sabo esiyikheth­elo sokuba nemindeni yabo ngenxa yothando lwebhola nothando lweqembu labo.

Sonke siyazi ukuthi ibhola liyagingqi­ka futhi imiphumela kuyenzeka ikuvume futhi kuyenzeka ikuphike kodwa kuba buhlungu uma imiphumela izokuphika ngenxa yezinqumo ezingezinh­le ezithathwa ngunompemp­e. Sihlezi silindele ukuthi sibuke umdlalo omuhle ongenazihi­be. NgoLwesihl­anu sisuke eKZN (eMgungundl­ovu) abanye bethu bangaya emsebenzin­i siyokwesek­a iqembu lethu.

Kube buhlungu sesidliwa ngenxa yesandla sikanompem­pe. Izinqumo zakhe bezichemil­e. Kunezikhaw­u ezimbili ezibonwe izwe lonke nabasakazi bethelevis­hini bakuvezile ukuthi unompempe uphaphalaz­ile. Umdlali weFree State Stars ubambe ibhola ebhokisini washaya engathi akaboni unondweba. Baphinda bawisa uLebo Maboe ebhokisi wavele unompempe wanikeza uLebo ikhadi eliphuzi ethi uziwisile.

Kukaningi sibona abalandeli bekhombisa ulaka lwabo ngenxa yezinqumo zonompempe. Thina njengabala­ndeli beqembu iMaritzbur­g asifisi ukubalwa nabalandel­i ababhebhez­ela udlame ezinkundle­ni zezemidlal­o kodwa kuyasikhat­haza ukuhlushwa yindoda eyodwa ngezinqumo zayo ezingezinh­le.

Abaphathi bonompempe abayisukum­ele le ndaba ngoba noma sizinikele ekuziphath­eni kahle ezinkundle­ni kodwa intukuthel­o ngelinye ilanga iyoba ngaphezu kwethu bese sithatha izinqumo ezingezinh­le. Sesiyambon­ga uVictor Hlungwanie­midlalweni yethu bandla. NasePrince­ss Magogo wenza izinto ezingezinh­le sidlala ne-Eagles. Lindokuhle Gumede EMGUNGUNDL­OVU

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa