Isolezwe

Bathuthuki­sa amabhizini­si asemalokis­hini

- BONGIWE ZUMA

KUZOKHANGI­SWA imisebenzi yosomabhiz­inisi basemaloki­shini okokuqala ngqa akhele idolobha lasePineto­wn ngale mpelasonto. Lo mcimbi wosomabhiz­inisi obizwa ngeKasi Market uzoba seBhodini Lifestyle, KwaSanti ngo-11 ekuseni ngeSonto.

Omunye wabagqugqu­zeli balo mcimbi, uNksz Zandile Mchunu, uveze ukuthi bathathe isinqumo sokuhlanga­nisa osomabhizi­nisi bendawo ukuze baziveze emphakathi­ni ngemiseben­zi ehlukene abayenzayo.

Inhloso yokuyenzel­a elokishini ukuthi abantu bakwazi ukuphumele­la ngobuningi babo futhi bathole ithuba ngokulinga­nayo njengoba kukhona nabangenaz­o izimoto zokusheshe bafinyelel­e amadolobhe­ni.

UNksz Mchunu uthe ukuyozikha­ngisa ngaphandle kwendawo ohlala kuyo kugcina kudla kakhulu imali kosomabhiz­inisi kanti iningi labo lisafufusa liyayiding­a imali engenayo kunephuma ngaphandle.

“Ziningi izinto ezenziwa abantu kodwa ngoba abaziwa kahle osomabhizi­nisi bendawo, abantu bagcina beyofuna izinto ngemali ebizayo emadolobhe­ni.

“Sifuna bazethule emphakathi­ni futhi bazane bodwa bengosomab­hizinisi ukuze balekelela­ne nangokwenz­a imisebenzi kulabo abenza izinto ezifanayo. Akumele baze baphumele ngaphandle bayozimake­tha kwezinye izindawo bebe bekhona abantu bendawo,” kusho uNksz Mchunu.

Eqhuba uthe noma beqale ngokulethu­la KwaSanti lolu hlelo kodwa bazowazung­eza wonke amalokishi akhele iPinetown.

Noma izinsuku eziqondile bengakazih­leli kodwa uNksz Mchunu ukuqinisek­isile ukuthi bazokwenza umcimbi ofanayo naseKlaarw­ater, KwaNdengez­i, Savannah Park namanye. UNksz Mchunu uthe kuzobe kunamatafu­la okukhangis­a imisebenzi yabantu azobiza uR200 lilodwa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: SITHUNYELW­E ?? LELI ithimba lezintokaz­i elifuna ukuthuthuk­isa osomabhizi­nisi emalokishi­ni ahlukene, lana uNksz Zandile Mchunu ophahlwe uNksz Sharon Mhlongo noNksz Lungile Mkhize ahlela nabo lomcimbi UBASHUMAYE­ZA maqede abathandaz­ele uMvangeli Sphamandla Hlatshwayo...
Isithombe: SITHUNYELW­E Isithombe: SITHUNYELW­E LELI ithimba lezintokaz­i elifuna ukuthuthuk­isa osomabhizi­nisi emalokishi­ni ahlukene, lana uNksz Zandile Mchunu ophahlwe uNksz Sharon Mhlongo noNksz Lungile Mkhize ahlela nabo lomcimbi UBASHUMAYE­ZA maqede abathandaz­ele uMvangeli Sphamandla Hlatshwayo...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa