Ubapha amandla omthandazo emathaveni
USESHUMAYELA emathaveni nasezindaweni zobumnandi umvangeli osemncane, owaduma esebenza nomculi wowokholo uHlengiwe Mhlaba nasezinkonzweni zamatende.
UMvangeli Sphamandla Hlatshwayo (23) waseRichards Bay, uthe ukhathazekile ngezigameko ezenzeka ezweni kodwa abaholi bamabandla abenzi lutho ngazo.
Utshele Isolezwe ukuthi ukholelwa ukuthi izoni azikho emasontweni yingakho kumele kushunyayelwe ezindaweni okugcwele khona abadinga usizo.
“Ngihlose ukuhambela zonke izindawo lapho kugcwala khona intsha. Siyazi ukuthi emathaveni yilapho igcwele khona futhi iyadinga ukunikwa ithemba. Ngikholelwa ukuthi utshwala bunomthelela kwezinye izigameko ezimbi ezenzekayo, ezingagwemeka uma kushunyayelwa emathaveni,” echaza.
Uthe ubehlala enesifiso sokuhambela lezi zindawo kodwa engakabi naso isibindi. Yize engakaze axoshwe emathaveni asewahambele, uthe ukulindele ukuthi kuyokwenzeka ngelinye ilanga. Ugcizelela ukuthi abantu akabaphoqi ukuthi bazinikele bakholwe futhi akabahluleli.
“Ngithole ukuthi abanye bacwile otshwaleni ngoba behluleka ukubhekana nobunzima bempilo. Abanye basebenzisa utshwala ukuthatha isibindi ukuze benze izinto ezimbi. Uma ngivakashela ezindaweni zobumnandi, ngibatshela ngothando lukaNkulunkulu, ngibanikeze ithemba. Kunzima kona ngoba basuke bezozijabulela kodwa bagcina bengilalela,” kusho uHlatshwayo.
Uveze ukuthi uqala akhulume nomnikazi wendawo azoyivakashela bese eyoshumayela, athandazele nabadingayo. Uthe isifiso esikhulu ukuyoshumayela eYadini eMlaza ngoba uyazi ukuthi intsha eningi igcwala khona ngezimpelasonto. NgeSonto eledlule ubeseBadluli Lifestyle eNseleni.
UHlatshwayo waqala ukushumayela esontweni nasezinkonzweni zamatende eneminyaka engu-11. Waqala ukuduma ehamba noMfundisi NJ Sithole ezinkonzweni zeGod’s Army Evangelistic Ministries ngo-2010. Wabuye wasebenza noHlengiwe emvulela inkundla eshumayela ngaphambi kokuthi acule. Uthe ubonga umusa kaNkulunkulu ukuthi aqhubeke nokushumayela phezu kwezilingo ezihlasele intsha. UHlatshwayo wenza izifundo zeB Com Marketing Management eBoston Business College. Ungumvangeli webandla iTehillah Worship Centre eMpangeni.