Isolezwe

‘Ungalindi ukubulawa phuma uma kubheda’

- CHARLES KHUZWAYO

“BALEKA mama. Khaw’leza... Uthi uyandithan­da...Isizathu andisiboni...Ndiphinde Nalwa Izolo, Isizathu Yini...”

Ingwazi yomculo we-Afro soul, uRingo Madlingozi, ithi izobe isho kanje seyikhutha­za abantu besifazane emcimbini, iCelebrate Africa Carnival & Festival, eWorkshop Centrum Park eThekwini ngoMgqibel­o kusukela ngo-11 ekuseni.

URingo uthe uyabagqugu­zela abantu besifazane ukuthi bashiye kusashisa ebudlelwan­eni uma kungasaham­bi kahle.

“Akumele balinde amathonsi abanzi. Uyazibona izimpawu zokuhlukum­ezeka.

“Ngakho musa ukulinda ukuthi uze ubulawe,” kusho uRingo.

Leli cwecwe elalisihlo­ko sithi Baleka kaRingo alikhipha ngo-2004 ladayisa amakhophi angaphezul­u kuka-75 000 futhi namanje lisenza kahle ezitolo ngenxa yalo myalezo.

Eqhuba uRingo uthe uzobuye akhuze ukucwaswa kwabantu bangaphand­le ngengoma yakhe ethi, Nkqo Nkqo Nkqo.

“Ngizofuna abantu bakuleli basukume bame ngezinyawo bese bebambana nabangapha­ndle ngezandla, bacule kanye nami.”

Uthe abantu abazohambe­la lo mcimbi bazobhema bakholwe ngempela.

“Uzokhumbul­a ukuthi kwenzekani mhlazane ngicula lapha eThekwini.”

URingo uzobe eshiyelana inkundla nabaculi abahlukahl­ukene okubalwa kubo uDJ Tira, Khuzani Mpungose, Distructio­n Boys, DJ Happy Gal, Tipcee, Brodaz & Vino, DJ Boonu, DJ Phelzo nabanye.

Lo mcimbi uhlelwa inkampani kasomabhiz­inisi odumile eThekwini uZanele Mbokazi weMirror Public Relations, kanti kuzo kungengwa mahhala.

 ??  ?? RINGO MADLINGOZI
RINGO MADLINGOZI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa