Abafundi bazophola nabasakazi
ABAFUNDI beSolezwe bazoba sethubeni lokuchitha usuku lwangeSonto nabasakazi abanohlonze, emcimbini ohlelwe abeWhite Star eThekwini ngokungenela umncintiswano waleli phephandaba.
Abazowina kulo mncintiswano ongenelwa ngeSMS bazoba yizitatanyiswa, bahlanganyele nomsakazi woKhozi FM uDudu Khoza noMsizi Shembe weMetro FM emcimbini obizwa ngeShisa Nyama Chill-Out eJoe Cool’s eThekwini.
UNksz Zama Majola osemnyangweni wezokukhangisa kuleli phephandaba, uthe bahlanganyele nabeWhite Star kulo mcimbi ukuze abafundi bakwazi ukuzipholela nemindeni yabo. Uveze ukuthi sebenesikhathi besebenzisana nabeWhite Star ukwenza imincintiswano nemicimbi ekhombisa isasasa kubafundi bephephandaba. Uthe ukungenela kumele umfundi waleli phephandaba athumele igama elithi: “ISOWHITESTAR” abhale negama lakhe nesibongo enombolweni ethi: 33258. Ozowina uthola amathikithi amabili okuya kulo mcimbi weWhite Star.
UNksz Amava Kgwete oyiPR and Accounts Manager yakwaWhite Star, uthe bayaqala ukuletha lo mcimbi eThekwini.
“Inhloso ukuthi abantu bajabulele usuku nemindeni yabo, bathole namathiphu okupheka. Sizobe sihamba nabapheki abakhethiwe, abazoveza amakhono abo ngezinhlobo zokupheka,” kusho yena.
Uthe umcimbi uqala ngo-12 emini kanti uhlelo lweMetro olushayelwa uShembe iSunday Soul Therapy, luzobe lusakazwa bukhona kule ndawo. ULady D oyinxusa lakwaWhite Star uzobe engomunye wabazojabulisa abazokwethamela lo mcimbi.
AbakwaWhite Star sebezakhele udumo ngokuhlanganisa abantu emicimbini yabo okubalwa eyezitokofela nekaShisa nyama, amafestiveli omculo nemicimbi yokupheka.
Abahleli balo mcimbi bathembisa ubumnandi bodwa kwabazowuthamela.
Bathe inhloso yawo ukwenza ukuthi abazowuhambela bangalukhohlwa usuku lwabo, yingakho bezohambisana nosaziwayo abangaconsi emsakazweni.
Lo mcimbi weShisa Nyama Chill-Out uqale eMgungundlovu emasontweni edlule kanti kulindeleke uphinde ukhuze ibuya eThekwini ngasekupheleni konyaka kanti kungenwa mahhala.