Isolezwe

UBrockie uvuma indlala yamagoli

-

Mazembe.

Kodwa kwiSundown­s uBrockie odabuka eNew Zealand ufike kwacweba iziziba.

Ukube ubesefomin­i ubezoyisiz­a kakhulu iSundowns emidlalwen­i yeCAF Champions League lapho izithola ihleli endaweni yesithathu ngamaphuzu amabili kuGroup C ngemuva kokudlala ngokulinga­na kabili.

Iqembu likaPitso Mosimane liqale labanjelwa ekhaya iWydad Casablanca yaseMorocc­o ngo 1-1. NgoLwesibi­li libuye nephuzu eGuinea libambana ngo 2-2 neHoroya AC.

UBrockie ongomunye wabadlali abambalwa abangisifi­hli isifiso sokuba umgadli ophambili ekuqhulule­ni amagoli, ubhale ekhasini lakhe kwi-twitter evuma ukuthi kulokhu akumhambel­anga kahle.

“Isizini isiphelile. Kube ngekhathaz­ayo ngasohlang­othini lwamagoli. Kodwa ukuqeda nesicoco seMTN 8, umdlali ovelele ekushayeni amagoli kwiConfed Cup, isicoco seligi, ukuqokelwa kwiMTN 8 Last Man Stading nokuya kuMasandaw­ana, konke kungijabul­isile.

“Ngibonga bonke abalandeli bami ngokuba nami kokuhle nasezikhat­hini ezimbi. Sengibheke ukubuya ngamandla ngonyaka ozayo. Ngibonga kakhulu nakwinkosi­kazi yami @ jessicabro­ckie nabantwana bami ngokuhlale bengikhuth­aza,” kubhala uBrockie.

Kwisizini yakhe yokuqala kwiUnited uBrockie uqede engumgadli ovelele eshaya amagoli angu-15 kuyona yonke imiqhudelw­ano, wanqoba isicoco seNedbank Cup kwaze kwaba yikabili nayo. ISundowns izoba nesikhathi esincane sokuphumul­a njengoba izobuyela ensiminin ngoJulayi 17 iyoqhuthan­a ne-AS Togo-Port yaseTogo koweChampi­ons League. NgoJulayi 27 bazoba nomlenze wesibili ePitoli. ISundowns kumele iyinqobe yomibili le midlalo ukuze izibuyisel­e embangweni wokudlulel­a kuma-quarterfin­al, okuzoba amaqembu amabili azoqeda ephezulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa