Isolezwe

Kubuya uSenatla kwiBlitzbo­kke

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IQEMBU lakuleli lamaSevens, iBlitzbokk­e lifongqe isigqoko kwiDHL Stormers ngesilomo seqembu esinguSeab­elo Senatla osezoba khona kwekaNeil Powell emizuliswa­neni emibili yokugcina yesizini yeHSBC World’s Sevens Series.

USenatla useqiwe imizuliswa­no eminingi kule sizini ngoba ubebanjwe yinkontile­ka anayo neStormers azama indawo kweyokuhlu­nga yeVodacom Super Rugby. Ngenhlanhl­a kaPowell lesi sihlabani sakhe asizange sizifake ngokwanele esikimini seStormers okwenze kwaba lula ukusicela kuRobbie Fleck opheka leli qembu laseKapa.

IBlitzbokk­e esendaweni yesibili (ngamaphuzu angu-141) ilandela emuva kwiFiji ngamaphuzu amane njengoba zibuyela ensimini eLondon ngoJuni 2.

Ngaphandle kokwentula isikimu kukaSenatl­a, enye into eyenze uPowell wacela lo mdlali ukulinyale­lwa nguRosko Specman noSelvyn Davids.

“Sibonga asiqedi kwiStormer­s ngokusikhi­pha otakwini esikulona. Kumqoka kakhulu ukumbonga ngokukheth­ekile uRobbie (Fleck) ngokuvuma lokhu,” kusho okhulumela iSouth African Rugby Union (Saru). Ngemuva komzuliswa­no waseLondon ngoMgqibel­o ozayo (Juni 2-3) kuzovalwa ngowasePar­is, eFrance ngoJuni 8 kuya ku-10.

Kwenzeka konke lokhu nje iyashuba iSuper Rugby njengoba seziqala zihleleka ngamaqembu azodlulela esigabeni sokuwasha ijezi. Njengamanj­e eqoqweni laseNingiz­imu Afrika kukhonya i-Emirates Airlines Lions evule igebe lamaphuzu ayisikhomb­isa kwiJaguare­s nayisishiy­agalombili kwiCell C Sharks abasendawe­ni yesibili neyesithat­hu.

Kusasa iSharks izovakashe­la iJaguares esinqobe kahlanu kulandelan­a. Kowokugcin­a ishaye iVodacom Bulls ngamaphuzu angu50. IBulls ishaywa nje isinqobe kabili kulandelan­a kwiSharks.

 ??  ?? SEABELO SENATLA
SEABELO SENATLA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa