Isolezwe

Abadlali beCeltic basebumnya­meni ngekusasa

- ZAKHELE XABA

BASEBUMNYA­MENI ngekusasa labo abadlali beBloemfon­tein Celtic okusanda kuvela ukuthi isifakwe endalini ngusihlalo uMax Tshabalala.

ICeltic iqede isizini ka-2017/2018 ngaphandle kwe-Top 8 nakuba idlale owamanqamu kwiTelkom Knockout ehlulwe kuwo yiBidvest Wits. Nokho le sizini ihambisane nemibiko engemihle yokungahol­elwa kwabadlali ngesikhath­i okuthiwe kudalwe wukuthi iqembu lintula inkece. Kuleli sonto kuvele ukuthi iPhunya Sele Sele ingase ilahlekelw­e ngumqeqesh­i uVeselin Jelusic waseSerbia okuthiwa sekuphele izinyanga ezimbili engawuthol­i umholo ophelele.

Omunye wabadlali beCeltic uthe abazi ukuthi ikusasa libaphathe­leni ngoba abakaze batshelwe ngokwenzek­a eqenjini. Abadlali beCeltic bahlukane emuva komdlalo wokugcina wesizini neMamelodi Sundowns obukade useDr Molemela Stadium. Batshelwe ukuthi kufanele babuye ekhempini ngoJuni 30 ukuzolungi­selela isizini ka-2018/2019. “Asazi ukuthi kwenzekani. Nathi sifunda emaphephen­i ukuthi iqembu liyadayisw­a kodwa akekho eqenjini ositshelil­e. Sesilinde ukuthi sizwe ngabo uma sesivula ukuthi kwenzekani. Okwamanje mina nginenkont­ileka neqembu, yikhona okwenza ngingabi nalo uvalo. Kodwa okungenza ngingakhul­uleki wukuthi kungenzeka kudingeke siqale ukufuna imisebenzi,” kusho lo mdlali. Kuthiwa sekuvele kukhona osomabhizi­nisi baseGoli abazimisel­e ngokutheng­a iCeltic kodwa uTshabalal­a usazohlang­ana nabalandel­i kuleli sonto. UTshabalal­a, othenge iCeltic ngo-2014, ucashunwe ethi akusizi ukugcina iqembu ekubeni edonsa kanzima kwazise imali ayikhokhay­o iphazamisa inzuzo angabe uyayenza emabhizini­sini akhe.

Ukudonsa kanzima kweCeltic kugqame kumasizini ambalwa edlule ngesikhath­i ihluleka ukugcina abadlali bayo ababalulek­ile okukhona kubona uThapelo Morena oseyibamba kwiSundown­s. Ngesizni esongwayo ihlukane noKabelo “Skipper” Mahlasela osekwiKaiz­er Chiefs.

Imizamo yokuthola isikhulu seCeltic, uRali Ramabodu, ayiphumele­langa kwazise ucingo lwakhe belivaliwe.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? MAX TSHABALALA
MAX TSHABALALA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa