UBrockie uvuma indlala yamagoli
Mazembe.
Kodwa kwiSundowns uBrockie odabuka eNew Zealand ufike kwacweba iziziba.
Ukube ubesefomini ubezoyisiza kakhulu iSundowns emidlalweni yeCAF Champions League lapho izithola ihleli endaweni yesithathu ngamaphuzu amabili kuGroup C ngemuva kokudlala ngokulingana kabili.
Iqembu likaPitso Mosimane liqale labanjelwa ekhaya iWydad Casablanca yaseMorocco ngo 1-1. NgoLwesibili libuye nephuzu eGuinea libambana ngo 2-2 neHoroya AC.
UBrockie ongomunye wabadlali abambalwa abangisifihli isifiso sokuba umgadli ophambili ekuqhululeni amagoli, ubhale ekhasini lakhe kwi-twitter evuma ukuthi kulokhu akumhambelanga kahle.
“Isizini isiphelile. Kube ngekhathazayo ngasohlangothini lwamagoli. Kodwa ukuqeda nesicoco seMTN 8, umdlali ovelele ekushayeni amagoli kwiConfed Cup, isicoco seligi, ukuqokelwa kwiMTN 8 Last Man Stading nokuya kuMasandawana, konke kungijabulisile.
“Ngibonga bonke abalandeli bami ngokuba nami kokuhle nasezikhathini ezimbi. Sengibheke ukubuya ngamandla ngonyaka ozayo. Ngibonga kakhulu nakwinkosikazi yami @ jessicabrockie nabantwana bami ngokuhlale bengikhuthaza,” kubhala uBrockie.
Kwisizini yakhe yokuqala kwiUnited uBrockie uqede engumgadli ovelele eshaya amagoli angu-15 kuyona yonke imiqhudelwano, wanqoba isicoco seNedbank Cup kwaze kwaba yikabili nayo. ISundowns izoba nesikhathi esincane sokuphumula njengoba izobuyela ensiminin ngoJulayi 17 iyoqhuthana ne-AS Togo-Port yaseTogo koweChampions League. NgoJulayi 27 bazoba nomlenze wesibili ePitoli. ISundowns kumele iyinqobe yomibili le midlalo ukuze izibuyisele embangweni wokudlulela kuma-quarterfinal, okuzoba amaqembu amabili azoqeda ephezulu.