Kubuya uSenatla kwiBlitzbokke
IQEMBU lakuleli lamaSevens, iBlitzbokke lifongqe isigqoko kwiDHL Stormers ngesilomo seqembu esinguSeabelo Senatla osezoba khona kwekaNeil Powell emizuliswaneni emibili yokugcina yesizini yeHSBC World’s Sevens Series.
USenatla useqiwe imizuliswano eminingi kule sizini ngoba ubebanjwe yinkontileka anayo neStormers azama indawo kweyokuhlunga yeVodacom Super Rugby. Ngenhlanhla kaPowell lesi sihlabani sakhe asizange sizifake ngokwanele esikimini seStormers okwenze kwaba lula ukusicela kuRobbie Fleck opheka leli qembu laseKapa.
IBlitzbokke esendaweni yesibili (ngamaphuzu angu-141) ilandela emuva kwiFiji ngamaphuzu amane njengoba zibuyela ensimini eLondon ngoJuni 2.
Ngaphandle kokwentula isikimu kukaSenatla, enye into eyenze uPowell wacela lo mdlali ukulinyalelwa nguRosko Specman noSelvyn Davids.
“Sibonga asiqedi kwiStormers ngokusikhipha otakwini esikulona. Kumqoka kakhulu ukumbonga ngokukhethekile uRobbie (Fleck) ngokuvuma lokhu,” kusho okhulumela iSouth African Rugby Union (Saru). Ngemuva komzuliswano waseLondon ngoMgqibelo ozayo (Juni 2-3) kuzovalwa ngowaseParis, eFrance ngoJuni 8 kuya ku-10.
Kwenzeka konke lokhu nje iyashuba iSuper Rugby njengoba seziqala zihleleka ngamaqembu azodlulela esigabeni sokuwasha ijezi. Njengamanje eqoqweni laseNingizimu Afrika kukhonya i-Emirates Airlines Lions evule igebe lamaphuzu ayisikhombisa kwiJaguares nayisishiyagalombili kwiCell C Sharks abasendaweni yesibili neyesithathu.
Kusasa iSharks izovakashela iJaguares esinqobe kahlanu kulandelana. Kowokugcina ishaye iVodacom Bulls ngamaphuzu angu50. IBulls ishaywa nje isinqobe kabili kulandelana kwiSharks.