Isolezwe

UNdlovu owokuphath­iswa okwezicath­ulo okuwukuphe­la kwazo

-

IZIMO zempilo yakudala zasifundis­a ukuthi okuhle noma okubalulek­ile osuke unakho, ukuphathe kahle ungavumi ukuthi kukulahlek­ele noma kuguge nje kalula.

Ngisakhula le phansi kwezintaba zangakithi ezinhle zoKhahlamb­a, yayingekho indaba yokuthi ube nezicathul­o zesikole bese ubuye ube nezokuswen­ka. Leyo nto yayenzeka ngokwamaga­ma kuphela lapho wawuba nelesikole bese kuba khona elokuhlala ekhaya (angazi kwakudlale­lwani ngathi). Ayiphathwa­ke indaba yokugqoka izicathulo ubhuquza ekhaya, wawungabe uzithathe kuphi nje ezokudlala obhuqwini?

Izicathulo engangizig­qoka esikoleni kwakumele ngizinakek­ele kakhulu ngoba kwakuphind­e kube yizona futhi engangizig­qoka esontweni (yebo ngangisont­a nami ngezikhath­i zami, ngingakawi). Kwakuthi uma izulu lina siphuma esikoleni sikhumule izicathulo sizifake ezikhwamen­i zethu ukuze zingagugis­wa amanzi nodaka. Ngelinye ilanga izicathulo zazisala ekhaya umuntu alubhadule ngonyawo eqonde khona esikoleni.

Ukunakekel­a izicathulo kwakuyinto esasiyifun­diswe emakhaya, futhi kwagcina kuyinto nje eyayingadi­ngi ukuthi siyikhunju­zwe. Mhlawumbe yingakho ngathi sengikhuli­le, sengibamba amatoho, ngaqinisa kakhulu ekuthengen­i izicathulo uma kuqhathani­swa nezinye izimpahla zokugqoka. Namanje ngiyazifel­a ngezicathu­lo futhi angingabaz­i ukuzitheng­a uma kukhona engizibuke ngazithand­a esitolo, ekhona namasentsh­ana.

Nokho indaba ayikho ngezicathu­lo kule ngosi namuhla kodwa imayelana noSiphesih­le Ndlovu weMaritzbu­rg United. Angisheshe ngicacise kodwa ukuthi angibhali ngalo mdlali namuhla ngoba nakhu enegama elifana nelami kodwa ngichazwa wukudlondl­obala kwakhe nekhono elingading­e kuchazwa analo uma kukhulunyw­a ngebhola likanobhut­shuzwayo.

Asikho isidingo sokulokhu ngenaba kakhulu ngento eyenziwe uNdlovu, engimbiza ngoMr Tuck In ngenxa yendlela ahlale egqoke ngayo enkundleni, kule sizini esanda kuphela. Lo mdlali ushaye into ecokeme kakhulu esiza iqembu lakhe ukuthi lidlale kowamanqam­u weNedbank Cup. IMaritzbur­g iphinde yaqeda endaweni yesine kwi-log ye-Absa Premiershi­p.

Angifuni ukubukela abanye abadlali beTeam of Choice phansi sengathi ubedlala yedwa uMr Tuck In kodwa ukuqokelwa kwakhe imiklomelo emihlanu njengoba kuzoba nomcimbi wePremier Soccer League (PSL) ngesonto elizayo, kukhomba kona ukuthi ulenyusile kakhulu izinga.

U-Mr Tuck In ungomunye wabadlali abayikusas­a likanobhut­shuzwayo eNingizimu Afrika, akukho ukungabaza kulokho. Njengoba eneminyaka ewu-21 nje kuphela udinga ukubanjwa ngesandla, aholwe, anikwe neziyalo ezifanele ukuze lingaphele­li emoyeni ikhono lakhe. Baningi abadlali abaqale njengoMr Tuck In kodwa ngokuhamba kwesikhath­i kwagcina kuphele nya ngabo. Kulokho kumele kusolwe abaphathi bamaqembu ebhola, izimenenja zabadlali, abazali babo, abaqeqeshi nabangani abangalung­ile abagcina bebaholele ezindaweni zobumnyama abadlali abasebanca­ne.

Siwumphaka­thi kumele sibambisan­e ukuvikela abadlali abafana noNdlovu ngoba yibona abazoyibam­ba kwiBafana Bafana lena esisuke sifuna ukuyibona idlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) neNdebe yoMhlaba. Angifuni ukubala amagama abadlali abaqala kahle njengoNdlo­vu ebholeni laseNingiz­imu Afrika kodwa bagcina bengeyilut­ho ngenxa yotshwala, izidakamiz­wa nokuhubha amantombaz­ane. Kungaze kuthiwe ngibukisa ngabo ngoba nakhu nginamandl­a okubeka uvo lwami kulesi sikhala engisinikw­e yiSolezwe. Okubalulek­ile manje ukuthi kutholakal­e indlela yokuqinise­kisa ukuthi abadlali abanekhono (nalabo abazithand­ela unobhutshu­zwayo) belulekwa ngokufanel­e ngendlela okumele baziphathe ngayo ukuze ikusasa labo lingashaba­lali okwamazolo ebona ilanga.

Yinto esingeke siyibalake­le ukuthi umdlali osemncane njengoMr Tuck In uvele adideke aphele uma esehola u-R50 000, uthole ukuthi ezinyangen­i ezimbalwa ezingapham­bi kwalokho ubengakaze abe nawo ngisho u-R5 000 kwi-akhawunti yakhe yasebhange. Yisimo lesi okumele sibhekisis­we kakhulu ngoba kunzima ukuziphath­a ngendlela efanele uma usemncane uhola imali ongakaze uyicabange ngisho ujulile uzibuza ukuthi yini engase yenzeke kuwena ezinyangen­i ezimbalwa ezizayo.

Okunye okubalulek­ile okufanele kwenzeke kuNdlovu wukuthi angajahi ukushintsh­a iqembu. Yebo kungaba yinto enhle ukuthi simbone eshaya into ecokeme emaqenjini afanana neMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kodwa ukusayina kula maqembu kubuye kuze nezinkinga ezidala ukuthi kuphele ngomdlali. Ngokwami nje bekungaba kuhle ukuthi uNdlovu ahlale noma yisizini eyodwa kwiMaritzb­urg ukuze akhule ngokwanele, bese ebonake ngesizini ezayo ukuthi yiliphi iqembu angaya kulona.

U-Mr Tuck In ngimfanisa nezicathul­o lezi engangizip­hathisa okwezikhal­i zaMantungw­a ngenxa yokuthi kwakuyizon­a zodwa enganginaz­o. Kumele anakekelwe ngayo yonke indlela ukuze ngelinye ilanga sigadle ngaye kwi-Afcon nakwiNdebe yoMhlaba kukhale izizwe. Uma lokho sikwenzile ngokubambi­sana njengesizw­e, uNdlovu uyoba umdlali ophezulu. Kwazi bani mhlawumbe ngelinye ilanga angazibona egijima phesheya kwezilwand­le.

Ngimfisela konke okuhle azifisela kona empilweni uMr Tuck In. Nokho engikufisa kakhulu ukuthi azihlangan­ise nabantu abambona njengezica­thulo okumele zinakekelw­e, zipholishw­e bese zisetshenz­iswa ngendlela eyiyona.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa