Isolezwe

Umdlali ubangwa yiSundowns neChiefs

- MINENHLE MKHIZE

UBANGWA yiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns umdlali weBaroka oyibamba ngakwesoku­nxele phambili, uTalent Chiwapiwa. Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo walo othembekil­e ukuthi uChiwapiwa usohlwini lwabadlali abafunwa yiChiefs neSundowns. “ISundowns neChiefs sebeke bamthinta uMike Ngobeni ophethe izindaba zikaChiwap­iwa. Womabili amaqembu ayamfuna. Usenenkont­ileka neBaroka kodwa uKhurushi Mphahlele, usihlalo weqembu, uvule izandla emaqenjini azimisele ngokushaya ephakethen­i asayinise uTalent,” kusho umthombo. IChiefs neSundowns bamatasa bazama ukuqinisa izikwati zabo ngaphambi kokuthi kuqale isizini ezayo. Womabili amaqembu azama ukusayinis­a umdlali wasesiswin­i weBafana Bafana, u-Andile “Gattuso” Jali, okubhekeke ukuthi athathe isinqumo maduze nje ngokuthi uzodlala kuliphi iqembu ngesizini ezayo.

Kuthintwa uMphahlele ngodaba lukaChiwap­iwa uthe kalikho iqembu eselike lamthinta ngalo mdlali.

UChiwapiwa uthathe iso lenqwaba yabathandi bebhola ngengcweng­a yebhola nemijiko eya phambili ayikhombis­e kwiBaroka kule sizini esanda kusongwa.

Imenenja kaChiwapiw­a, uNgobeni weM-SportManag­ement ikhale ngokuthi kunzima ukuphawula ngalo mdlali.

“UTalent ungumdlali weBaroka FC. Amaqembu amfunayo kumele axhumane neBaroka. Mina angikwazi ukuphawula ngokuthi ufunwa yiliphi iqembu. Amaqembu amfunayo azothinta iBaroka, uma eseyithint­ile mina ngizobe sengizwa ngeqembu. Yilapho-ke ngizobe sengiqhamu­ka khona ukuzoxoxa ngezimfuno zomdlali. Uma uthi ufunwa yiChefs neSundowns ngicabanga ukuthi kuyinto ezomkhutha­za ngoba lokho kuchaza ukuthi wenza umsebenzi omuhle,” kusho uNgobeni.

IChiefs ayikaze isivale isikhala sikaGeorge Lebese ngakwesoku­nxele phambili kusukela eshiye iqembu ngoJanuwar­i wajoyina iMamelodi Sundowns. Amakhosi ake amataniswa noVincent Pule osemabhukw­ini eBidvest Wits. Nokho lo mdlali usekhonjwa kwi-Orlando Pirates.

IChiefs inoSiphiwe Tshabalala kuphela kubadlali abadlala ezinhlango­thini abagijima ngakwesoku­nxele phambili. UPhilani Zulu noSibusiso Khumalo abakwaziyo ukudlala ngakwesoku­nxele phambili basetshenz­iswa emuva.

UThulani Thuswa wezokuxhum­ana kwiSundown­s akazange atholakale kwazise ezakhe bezidlala kwiCAF Champions League eGuinea ngoLwesibi­li. IChiefs ithe izobiza isithangam­i nabezindab­a ukuzokweth­ula abadlali abasha nomqeqeshi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTALENT Chiwapiwa weBaroka FC kuvela ukuthi uyinyama emaqenjini e-Absa Premiershi­p ngemuva kwesizini enhle ka-2017/2018
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTALENT Chiwapiwa weBaroka FC kuvela ukuthi uyinyama emaqenjini e-Absa Premiershi­p ngemuva kwesizini enhle ka-2017/2018
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa