Isolezwe

I-Volvo XC60 entsha iyaphephis­a

-

IMOTO: VOLVO XC60 IMOTO ephethe isicoco se-2018 World Car of the Year, iVolvo XC60 isitheleki­le eNingizimu Afrika.

Le moto ingena esikhaleni seXC60 endala osekudayis­e ezingaphez­ulu kuka-1 million emhlabeni jikelele, kusukela yethulwa eminyakeni eyisishiya­galolunye.

I-XC60 ingenye yezimoto eziphephil­e emhlabeni njengoba ngesikhath­i ihlolwa ngabe-Euro NCAP ngonyaka odlule yathola u-98%.

Phakathi kobuchweph­eshe bezokuphep­ha egabe ngabo iCity Safety Autonomous Emergency Braking System, ehlanganis­a ne-steering support njengoba le nkampani ikholwa wukuthi ukubhreka kukodwa ngeke kusize ukugwema ingozi. Ikwazi ukunciphis­a izingozi zokushayis­ana mahlanze nemoto kanjalo nokutshela umshayeli uma kukhona imoto kwiBlind Spot bese iyayigwema uma kunesiding­o.

InePilot Assist eyenza ukuthi iziphendul­e siteringi, izinyathel­e umlilo futhi ibhreke emgwaqweni odwetshwe kahle phansi. Lokhu ikwenza ngejubane elifika ku-130 km/h.

Izinjini efika nazo kukhona ezimbili zikadizili iD4 neD5 nezikaphet­hroli ezimbili iT5 nakwiT6. Zonke zine 8-speed Automatic AWD gearbox. Abashayeli bakhetha izinhlobo zeMomentuu­m neR-Design ebukeka i-sporty eseqophelw­eni eliphezulu yi-Inscriptio­n. Amanani

Volvo XC60 T5 Momentum 187kW/350Nm R686 546

Volvo XC60 T5 Inscriptio­n 187kW/350Nm R730 646

Volvo XC60 T5 R-Design 187kW/350Nm R732 946

Volvo XC60 T6 Momentum 235kW/400Nm R738 034

Volvo XC60 T6 Inscriptio­n 235kW/400Nm R782 184

Volvo XC60 T6 R-Design 235kW/400Nm R784 484

Volvo XC60 D4 Momentum 140kW/400Nm R666 024

Volvo XC60 D4 Inscriptio­n 140kW/400Nm R710 124

Volvo XC60 D4 R-Design 140kW/400Nm R712 424

Volvo XC60 D5 Momentum 173kW/480Nm R735 636

Volvo XC60 D5 Inscriptio­n 173kW/480Nm R779 836

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa