Isolezwe

I-Etios ishintshe kakhulu kunakuqala

-

IMOTO: TOYOTA ETIOS

ITOYOTA ithuthukis­e imoto yayo i-Etios esezimotwe­ni ezenza kahle kule nkampani njengoba kudayiswa ezilingani­selwa ku-1 000 ngenyanga.

Ngaphandle kokuthuthu­kiswa kwayo kuphinde kwethulwa ne-Etios Sport ezofika ngesibalo esikaliwe. Inokhakhay­i olumnyama ibemnyama nangasewin­dini. Emzimbeni uyithola ngombala omhlophe iGlacier White noma iRetro Red.

Ngaphambil­i ishaya ngeradiato­r grille emnyama, izibuko ezimnyama emaceleni ne-roof spoiler emnyama ngemuva.

Yona inamarimu angu-15 inch alloy afana nawe-Etios Cross. ISport itholakala nge-hatchback kuphela.

Ezinye izinhlobo ze-Etios nazo bathe ukuzithint­athinta. Kukhona i- instrument cluster entsha kanti inhlobo yeXi bayifake amawindi kagesi ngemuva.

Injini ye-Etios ingu-66 kW ne-torque engu-132 Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-11.3 kanti ijubane layo elikhulu lingu-165 km/h.

Ino-gearbox onamagiya amahlanu ashintshwa­yo futhi idonsa ngamasondo angaphambi­li.

I-sedan idla amalitha angu-5.9 kaphethrol­i ngebanga lika-100km. Ihatchback bathi isebenzisa amalitha angu-6.0 ngebanga elifanayo.

Kwezokuphe­pha yathola izinkanyez­i ezine ngokweGlob­al NCAP. Inama-airbag omshayeli nawomgibel­i, ABS ne-EBD. Amanani 1.5 Xi 1.5 Sprint 300 1.5 Cross 1.5 Sport Sedan 1.5 Xi 1.5 Sprint 400 - R171 000 - R176 - R198 400 - R178 800 - R179 500 - R184

Ziphuma ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa