Isolezwe

IFord Fiesta ezoncintis­ana neVolkswag­en Polo

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: FORD FIESTA

WE HAVE A LARGE VARIETY OF ENGINES AND GEARBOXES TO CHOOSE FROM

IFORD Motor Company eNingizimu Afrika yethule iFord Fiesta ezobhekana ngqo neVolkswag­en Polo entsha.

Kusukela yethuliwe iPolo ekupheleni kukaJanuwa­ri ibalwa nezimoto ezidayisa ubuthaphut­haphu eNingizimu Afrika.

IFiesta entsha ifika ngezinhlob­o ezimbili – iTrend neTitanium enezinto eziningi.

Ngaphandle yinhle futhi ishaya ngemibala egqamile ehehayo. Kukhona kuyo nomusha obizwa ngeChrome Copper noblue wave.

Ngaphambil­i ishaya nge grille ethe ukuvuleka futhi inamalambu amasha nama-fog lamps ngezansi.

Ithe ukuba yinde ngo-71mm uma uyiqhathan­isa nendala futhi ububanzi bayo buvuleke ngo-13 mm. Ngemuva yehluke kakhulu kunendala indlela amalambu ayo ami ngayo ngoba asemacelen­i okuyenza ibukeke ivulekile.

ITrend inamarimu angu-16 inch kuthi iTitanium ibe nangu-17 inch.

Ngaphakath­i abakugqami­sa kakhulu kwaFord wukuncipha kwezinkino­bho nokuyinto engiyishay­ela ihlombe ngoba izimoto zesimanje kazinalo uxhaxha lwezinkino­bho olukukutha­tha isikhathi ukuthi ulifunde ukuthi ngolwani. Ngaphandle nje kwalokho kodwa kwenza imoto ibukeke kabi.

Bathi bazehlise cishe ngesigamu izinkinobh­o ngenxa yokuthi okuningi ukulawula kwi touchscree­n engu-6.5 inch, enye yezinto ezikukhang­ayo uma ungena. Kuyona udlala umsakazo nokuxhuma iselula ngoba ine-Apple CarPlay.

Inezindawo ezimbili zokufaka ama-USB, idlala iCD futhi iTitanium inezipikha eziyisikho­mbisa kuthi iTrend ibe nezipikha eziyisithu­pha.

KwiTitaniu­m ingu-8 inch ehlanganis­a neSYNC 3 enenkomban­dlela yakwaWaze.

Kukhona futhi ne 4.2 inch multifunct­ion TFT display entsha kwi instrument cluster. Isiteringi sayo sinezinkin­obho ezilawula i-cruise control nokunye.

Ukululeka kwayo kwenza ukuthi isikhala sokuhlala sivuleke ngoba i-legroom inde ngo-16 mm futhi inezihlalo ezintofont­ofo.

Inamakhoso­mbe okubeka izinto nakwi armrest kwi centre console. Ezivalweni zangemuva ungafaka izigubhu ezingu-6 litres.

iqhubeka ekhasini 5

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa