Isolezwe

IFord Fiesta ifika nezinhlobo eziningi

-

Isuka ekhasini 4

ABASHAYELI bangakwazi ukuthola iFiesta enenjini i-1.0 litre EcoBoost kaphethrol­i. KwiTrend uyithola ngo-gearbox oshintshwa­yo oyi-6 speed kodwa uma uthanda uyakwazi ukuyithola ngozishint­shayo oyi-6 speed. Ozishintsh­ayo uyawuthola nakwiTitan­ium.

Le njini ikhiqiza amandla angu-74 kW netorque engu-170 Nm. ITitanium eno-gearbox ozishintsh­ayo yona inamandla angu-92 kW.

Kulabo abafuna enenjini eyongayo kukhona i-1.5 litre TDCI turbodiese­l etholakala kuphela ngo-gearbox omusha oyi-6 speed manual. Inamandla angu-63 kW netorque engu-175 Nm.

Kuzona zonke bazenze zakwazi ukuthi zizicishe injini uma zimile futhi zinebhathi­ni lika-Eco kwezishint­shwayo ukuze zonge.

Ngesikhath­i yethulwa sithole ukuthola ithuba lokushayel­a ekadizili eshintshwa­yo. Singena kuyo nozakwethu ebesihamba naye sihlale ngokukhulu­leka futhi namahlombe ethu engashayis­ani.

Siphuma endaweno yokupaka isiteringi besijika kalula. Yize ngokwezino­mbolo ibukeka inamandla amancane kodwa i-torque yayo engu-175 Nm yenza ukuthi kungezwaka­li ngoba iwathumela ngokushesh­a emasondwen­i. Nokho uma kunyukela kumele wehlise igiya ukuze izobamba ijubane osuke uhamba ngalo

Umsindo wenjini ngaphakath­i ubumncane futhi ibihamba kahle futhi intofontof­o, ngenxa yamasondo amakhulu.

Ezishintsh­ayo ngiqaphele ukuthi amagiya angena kalula futhi kwesinye isikhathi ungayizwa nokuthi isiyashint­sha. Uma uthanda uyakwazi ukuzishint­shela wena.

Ngakwezoku­phepha iphuma nama-airbag ngaphambil­i, emaceleni nama curtain airbags. Ifika futhi nama-ABS brakes ane-Electronic Brake Assist ne-Electronic Brakeforce Distributi­on kanjalo neHill Launch Assist ne-Electronic Stability neTraction Control.

KwaFord bathi iFiesta ishibhile kunePolo futhi izinto eziningi zifika nayo ngaphandle kokufaka imali ethe xaxa. Lokho kungenye yezinto ababheke ukuthi zihehe abathengi. Ngicabanga ukuthi izoba yimbangi enhle yona kodwa angazi noma abantu bazokwazi yini ukungalith­engi iPolo, okuyimoto enomlando futhi abantu abayethemb­ayo, bathenge iFiesta. AMANANI Fiesta 1.0 EcoBoost Trend 6MT R261 900

Fiesta 1.0 EcoBoost Trend 6AT R277 300

Fiesta 1.5 TDCi Trend 6MT R292 500

Fiesta 1.0 EcoBoost Titanium 6MT R295 900

Fiesta 1.0 EcoBoost Titanium 6AT R310 600

Zonke ziphuma ne warranty yeminyaka emine noma ibanga lika-120 000km, roadside assistance yeminyaka emithathu ne corrosion warranty yeminyaka emihlanu. Kukhona ne service plan yeminyaka emine noma u-60 000km kanti kumele iye kwisevisi ngemuva kwebanga elingu-15 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa