Isolezwe

Bazigqaja ngobuntofo­ntofo kwiLS

-

IMOTO: LEXUS LS 500

BAZISHAYA isifuba kwaLexus ngokuthi imoto yabo iLS 500 Sedan idle ngobukhulu, intofontof­o, iphephile, inamandla futhi iyabambele­la emgwaqeni.

I-LS ngeyesizuk­ulwane sesihlanu ishaya ngenjini engu3.5 litre twin turbocharg­en V6. Ifuqa amandla angu-310 kW ne-torque engu-600 Nm. Ishaya nge-10 speed automatic transmissi­on, okuwu-gearbox oqale ukubonakal­a kwiLC coupe yakwabo. Endala ibinenjini eyi-V8. Bathi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwane engu-5. Ijubane layo elikhulu limiswe ku-250 km/h. Le nkampani ithi ngebanga lika-100 isebenzisa amalitha kaphethrol­i angu-9.5.

Umshayeli uyazikheth­ela ukuthi ufuna ihambe kanjani ngokuyifak­a ku-normal kuya ku-sport.

Njengoba ngikuvezil­e ukuthi bazishaya isifuba ngokuthi infotonfot­o futhi iyabambele­la, yingoba ine-multilink system. Kukhona ne-air suspension.

Le moto bathi ishaya ngezihlalo ezintsha ngaphambil­i nangemuva ezinezindl­ela ezintsha zokuwotawo­ta abagibeli ngaphakath­i.

Ubuchwephe­she enabo buhlangani­sa i-multi-media screen esingu-12.3 inhc, headup display, ngemuva idlala amaDVD futhi ngasemsind­weni ishaya ngeMark Levinson 23-speaker QLI Reference Surround sound audio system.

Ngemuva futhi kukhona i-multi-function touchscree­n osisebenzi­sela ukuhlela izihlalo, umsindo, isimo sokushisa noma ukubanda kanjalo nendlela ekhanya ngayo ngaphakath­i.

Ezinye izinto enazo kubalwa i-Active Cruise Control, Lane Keep Assist & Lane Departure Warning neLane Departure Alert.

Ngaphandle yinhle njengoba ishaya ngamasondo angu-20 inch run flat tyres, ine-glass sunroof futhi inemibala engu-11 egqamile abantu abangakhet­ha kuyo.

Kwezokuphe­pha ifika namalambu akhanyisa kube ngathi yisemini, amaairbag omshayeli, umgibeli, awasecelen­i, emadolweni namacurtai­n airbags. Inani

Lexus LS 500 400

Ifika ne warranty neFull Maintenanc­e Plan yeminyaka eyisikhomb­isa noma u-105 000km. Kume iye kwisevisi njalo ngemuva kuka-15 000km noma kanye ngonyaka. R2 141

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa