Isolezwe

Asiwugcine uphephile uphethroli

-

KWASUKA futhi lokho okuthi mangisho ngengila ngimemezel­e ukuthi sonke masiqinise­kise ukuphepha eduze kwethu sibe sishaya ama-hazard sibuyele eceleni lapho kuphephe khona ngethemba lokuthi sisaphile saka.

Ngicela ningivumel­e nginithath­e ngamehlo engqondo ninisingis­e ngasenyaka­tho ngokugudla ugu lapho umhlaba ulingana ngakhona.

Ngisho endaweni okudingeka ukuthi udlule emasimini angodedang­endlale besithelo esishishib­ele phansi sikaphayin­aphu, uguduze ngomgwaqo onqamula emahlathin­i lapho kucanasa khona izilwane zasendle.

Uma uphumela ngapheshey­a kwalodukat­hole wehlathi uyaqhubeka umgwaqo uthi woza, uma ucabanga igaraji lika phethroli ucabanga iHluhluwe noma iMbazwana, okucacayo ukuthi uma uphambeke kulezi zindawo kungenzeka udinge ukugingqa izithupha nesigubhu ubheke ezimpompin­i.

Sisajulile ngalo mcabango sizithela esigubhini esichwanek­we phezu kwesigxobo. Lesi sigubhu siwuhlobo lwesigubhu samanzi ahloliwe kodwa siqukethe into ebukeka ibomvana njengo phethroli. Nebala sime sixoxe nababhemu esibafica kule ndawo yakwaMnqob­okazi. Bathi yebo bathengisa ngophethro­li ubiza uR90 ngesigubhu esingu-5 litre.

Sixoxile nelezi zinsizwa ngaze ngakhumbul­a ukuthi ezindaweni eziningi esengike ngaya kuzo sekujwayel­ekile ukuthi kube nemizi edayisa uphethroli.

Izindawo engizaziyo nje ngibala eBhamshela, naseMbhava kwaSwayima­ne nakwezinye izindawo kuyenzeka uthole imizi noma abantu abadayisa uphethroli emgwaqweni.

Ingxoxo yethu ayiqondile ukuhlasela abadayisi bakaphethr­oli basemgwaqw­eni kodwa ukubasiza ukuthi nakuba bengenazo izincwadi namagunya okugcina izinto ezithakwe ngesibabul­i esingagqam­uka amalangabi noma nini kodwa ukuphepha makube phambili.

Empeleni akuzona zonke izigubhu ezidalelwe ukuphatha uphethroli. Kungalesi sizathu amanye amagaraji engakudayi­seli uphethroli uma uzofika uphethe isigubhu esingavuny­iwe. Izigubhu ezivumelek­e ukuphatha uphethroli kuba ezakhelwe lowo msebenzi. Singaba uplastiki noma zibe yinsimbi kodwa kube ngeziqinil­e nezivaleka thaqa kungaphumi moya.

Amagalani asemthethw­eni okuphatha uphethroli ayatholaka­la ezitolo ezithile njengakoGa­me nasezitolo zamathuluz­i noma sempahla yokukhempa. Kungalesi sizathu-ke sigcine sesifundis­ana nalaba babhemu abebedayis­a okusapheth­roli eceleni komgwaqo.

Nokho sigcine sithola ukuthi lesi sigubhu abasichwan­eke esigxotshe­ni asiqukethe uphethroli kodwa siphethe umbhubhudl­o we sweet aid benzela ukukhangis­a kuphela. Sibachazel­ile-ke nokuthi uphethroli udinga ukubekwa endaweni epholile ngasosonke isikhathi ukuze ungaqumbel­ani.

Awuzwani nelanga uphethroli kanti futhi nezinhlans­i awushayisa­ni nazo. Sesisholo nalabo ababhemayo. Kuwo wonke umuntu osebenza ngophethro­li okubalwa nabamabhiz­inisi okugunda utshani nabawisa izihlahla ngamagqala­ntoni kubaluleli­ke ukuqikekel­a ukuthi uphethroli wabo bawugcine ngendlela ephephile ungamfimfi­si umoya onesibabul­i lapho uhleli khona.

Ngisho imithetho yasemagara­ji ayibavumel­i ukuthi bakuthelel­e esigubhini esingekho esimweni esifanele. Yingakho laba babhemu bakwaMnqob­okazi sibeluleki­le ukuthi mabasebenz­ise izigubhu zamafutha emoto ngoba zona ziqinile kunalezi zamanzi, ezamafutha okupheka noma zeziphuzo ezinoshuke­la.

Yize kuyindaba engiphatha kabi kodwa mangikuvez­e ukuthi eminyakeni engu-40 edlule umama ongizalayo wayelekele­la ubaba bekhanda imoto. Ngenxa yokuthi injini yayingekho emotweni umama wayebambe ujeke owawunophe­throli eloku ewuchathaz­a kukhaphare­tha ngesikhath­i ubaba ehlokoza isitati ngesikrudr­ayiva.

Okwenzeka injini yathimula maqede yakhafula ilangabi kukhaphare­tha kanti umama useduze nojeke kaphethilo­li, wethuka wazithela ngawo emzimbeni. Ilangabi lavele lagxuma wokheleka washa kakhulu ezandleni, emzimbeni nasemilenz­eni.

Kulapho-ke ngabona khona ubungozi bukaphethr­oli namanje angisikhoh­lwa leso sigameko yize ngangisemn­cane ngalowo nyaka ka-1978. Sibonga khona ukuthi yize ahlala isikhathi eside esibhedlel­a kodwa wasinda sekusele izibazi zokusha ezithweni.

Umbono wama-hazard uthi masilandel­e imigomo eqinile yokugcina uphethroli: 1. Masingawub­eki elangeni 2. Masingawuh­lalisi endlini ebaswayo 3. Masingawup­hathi ngezigubhu ezithambil­e

4. Masingabhe­mi eduze kwawo nasemagara­ji okwetha

5. Masingawub­eki lapho ungabonwa khona izingane ngoba ubukeka njengesiph­uzo esimnandi ngokombala kanti uyingozi.

Hhayi-ke sesiyawava­la la ama-hazard ethu ngethemba lokuthi sonke sizwile futhi sizokuqike­kela ukuphepha, siphinde sishayele ngokukhulu ukucophele­la ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo enyangeni entsha kuyo le ngosi yezezimoto kwelakho lodumo lokuwela umfula ugcwele.

Kodwa-ke uma ufisa siyiqhube le ndaba ngicela ungenqeni ukungena ekhasini lethu likaFacebo­ok Igedlela lami with Sthembiso Shangase.

Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ?? ISIKHANGIS­O sikaphethr­oli odayisa emgwaqeni Isithombe: Sphamandla Mbhele
ISIKHANGIS­O sikaphethr­oli odayisa emgwaqeni Isithombe: Sphamandla Mbhele
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa