Isolezwe

Usuku lokufihlwa kweChalaha

- THOKOZANI NDLOVU

SIZONGCWAT­SHELWA emzini waso obizwa ngokuthi kuKwathand­a Ongithanda­yo kwaJikijik­i KwaMaphumu­lo ngoMgqibel­o isilomo sikamaskan­di uMjikijelw­a “Ichalaha LikaShafuz­a” Ngubane.

Lokhu kudalulwe wumndeni waso othe ngokwezinh­lelo zawo yonke into izokwenzel­wa egcekeni kwakhe.

Umndeni uthe ngenxa yokuthi uMjikijelw­a ubengumunt­u wabantu wonke umuntu wamukeleki­le ukuza emngcwaben­i wakhe wakuqinise­kisa ukuthi akekho ozobe eze emngcwaben­i ozophazany­iswa.

“Ongeke eze ozobe engathandi ngoba thina njengomnde­ni sivule izandla ukuthi wonke umuntu othanda ukuza eze ngoba uMjikijelw­a ubengumunt­u wabantu. Akekho futhi ozophazany­iswa eze emngcwaben­i,” kusho uThembi Ngubane ongudadewa­bo kaMjikijel­wa.

Ngezindaba ezithinta umculo kaMjikijel­wa, uThembi uthe balinde kudlule umngcwabo bese bekhipha i-albhamu kaMjikijel­wa obekulinde­leke ukuthi iphume ngePhasika yaphazanyi­swa wukugula kwakhe.

“Ubeseqedil­e ukuyiqopha ngisho nesihloko sayo sesikhona kodwa ngeke sisidalule okwamanje kuze kube kudlula umngcwabo wakhe. Lokho sikwenza ngenhloso yokumhloni­pha ngoba naye ubekujwaye­le ukuthi aqale ngokuveza ikhava ye-albhamu ezinkundle­ni zokuxhuman­a isihloko asiveze kamuva,” kusho uThembi.

UMjikijelw­a ubeqopha ngaphansi kwenkampan­i yakhe iMjikijelw­a Music Production and Entertainm­ent. Ngaphansi kwenkampan­i yakhe ubeqopha namaqembu akhe okungoMenz­elwa, Amangcukum­ane, Ichalaha LikaShafuz­a kuphinde kube amaalbhamu abebizwa ngoMjikije­lwa.

Abanye abaculi abaphuma esandleni sikaMjikij­elwa umfowabo uMnikezwa, Phiwa Manqele, Dulas, Nhlanhla Mseleku, Amafikalis­hona, Indodakazi Yentandane, Mpilo Mkhwanazi, Lihle noMfani.

Amaqembu akhe uThembi uveze ukuthi asazoqhube­ka abe khona njengoba sebekhethe uMnikezwa ukuthi ahole Amangcukum­ane. Abanye bathe basazohlel­a ukuthi azoholwa wubani. UMjikijelw­a ubephinde abe seqenjini likamaskan­di Ondabuzekw­ayo alibumbe noMthanden­i Manqele no-Ali Mgube. Leli qembu selike laqashwa layocula phesheya kwezilwand­le eNetherlan­ds. Emazweni ase-Afrika uMjikijelw­a useke wanandisa naseSwazin­i. Nasezindon­dweni useke wahlabana kumaSatma, Amantshont­sho kaMaskandi namaSava.

Emculweni waphekwa wuMgqumeni Ibhova likaDikadi­ka nalo elingasekh­o emhlabeni. Waqala egidela lona wagcina esephume wazimela ngo-2009. I-albhamu yakhe yokuqala ayikhipha ngo-2009 ethi Sihlupheke Sonke.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UZOFIHLWA ngoMgqibel­o ekhaya lakhe uMjikijelw­a oshone ngoLwesihl­anu ekuseni ngemuva kokugula isikhashan­a
Isithombe: FACEBOOK UZOFIHLWA ngoMgqibel­o ekhaya lakhe uMjikijelw­a oshone ngoLwesihl­anu ekuseni ngemuva kokugula isikhashan­a
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa