Isolezwe

UBabes uchitha eyokuthand­ana noKhuzwayo

- NOKUBONGWA PHENYANE

INTOKAZI eyaziwa ngeQueen of Gqom, uBabes Wodumo (osesithomb­eni), isiveze ukuthi yona noBrillian­t Khuzwayo bangabanga­ni abadala futhi amahlebezi okuthi bayathanda­na abawanaki.

Enkulumeni ekhethekil­e neSolezwe uthe unabangani besilisa ahlala ehamba nabo kanti uBrilliant ngomunye wabo.

NgoMgqibel­o, uBabes nobengunoz­inti weKaizer Chiefs, uBrilliant Khuzwayo, batheleke behamba bobabili emcimbini uMlazi Picnic, eKing Zwelithini.

Bafika behamba nequlu ebeliphele­zela uBabes obekukhona kulo nabadansi bakhe.

Ngesikhath­i bekhuluma bekucaca ukuthi bayazwana ngoba bebensinsi­theka into engapheli. Bafike bama eduze kwesiteji uBabes wangena wahlanyisa izihlwele nokuthe uma eqeda wahlala nabantu ematendeni ezicukuthw­ane.

UBabes bekucaca ukuthi ujabule. EMlaza bekukhona noMampints­ha.

“Kusho ukuthi wonke umuntu wesilisa engihamba naye kuzothiwa ngithandan­a naye. Kukhona uSthe naye engihlala ngihamba naye kulezi zinsuku, uyangigada naye kuzothiwa ngithandan­a naye manje. Baningi abesilisa engibajway­ele engizokufe­la ukuthi ngihlale nginabo,” kusho uBabes obezwakala ukuthi ukhuluma ngokuzethe­mba.

Uthe akananking­a nokukhulun­ywa abantu ngoba kuyindlela abacabanga ngayo.

“Okokuqala uBrilliant kuthiwa unomuntu asemloboli­le mina ngingathan­dana kanjanike naye ngoba nami ngeke ngiphathek­e kahle uma ngizwa ukuthi isithandwa sami sinomunye umuntu ekubeni sesingithe­mbise umshado. Ngeke ngimzwise omunye umuntu wesifazane ubuhlungu obunjalo,” kuchaza yena.

Isolezwe NgeSonto likhuluma noKhuzwayo uveze ukuthi uyamazi uBabes kodwa akulona iqiniso ukuthi uthandana naye.

Uthe akazi ukuthi la mahlebezi asukaphi ngoba akamandla nasezinkun­dleni zokuxhuman­a ukuze afunde ukuthi abantu bathini uma bezibhalel­a. 8 6 4 13 8 9 14 12 17 16 23 26 28 27 32 45 44 39

Khonamanja­lo uBabes akabonakal­anga emcimbini obusendawe­ni yobumnandi ngaseSouth Beach, iJoe Cools, obekumele anandise kuwo nowayengum­phathi wakhe kwiWest Ink uMampintsh­a noDJ Tira. UMampintsh­a ubezothula iculo lakhe elisha elithi Amaketanga kule ndawo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa