Isolezwe

Lilokhu ligobhoza igazi losopoliti­ki

- MHLENGI SHANGASE

LIYAQHUBEK­A nokugobhoz­a igazi kubulawa abaholi bezepoliti­ki KwaZuluNat­al njengoba kubulewe uSihlalo weNFP oKhahlamba nowayengum­holi we-ANC eMzimkhulu obeseseben­zela umphakathi ngempelaso­nto.

INFP esifundazw­eni inxuse uNgqongqos­he wezamaPhoy­isa kuleli uMnuz Bheki Cele ukuthi ajube amasosha njengoba zanda izehlakalo zokubulawa kwabaholi.

Leli qembu lisho lokhu kulandela ukubulawa kukaSihlal­o weNFP oKhahlamba uMnuz Nkeni Mabaso (61) ngoMgqibel­o emini odutshulwe amahlandla amaningi washonela endaweni yesehlakal­o ephuma edolobheni eBergville.

Khona ngoMgqibel­o ntambama kubulewe esinye isishoshov­u ebesiseben­zela umphakathi esake saba ngumholi we-ANC eMzimkhulu, uMnuz Nkosikhona Maxhakana (56), odutshulwe ngabesilis­a abangaziwa ngesikhath­i elungisa ugesi kuveranda wakwakhe.

UMabaso ubeyiphini likasihlal­o kusoseshin­i wamatekisi iVulindlel­a.

USihlalo weNFP esifundazw­eni, uMnuz Vikizitha Mlotshwa, uthe bashaqekil­e ngoba uMabaso ubengeliny­e lamalungu agqamile kwiNFP.

Uthe ubesuka eBergville eya ewadini lapho iNFP izoba nomcimbi wesifunda abeyingxen­ye yabantu abawuhlela­yo.

“Sikhathaze­kile ngezehlaka­lo zokubulawa kwabaholi esifundazw­eni. Sinxusa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi ashaye umthetho wesimo esibucayi ngoba sekuyingoz­i kulesi sifundazwe. Sinxusa nongqongqo­she wesifundaz­we ukuthi bakhulume namasosha ngoba ngeke siye okhethweni isimo sinje,” kusho uMlotshwa.

Udadewabo kamufi, uNkk Simangele Sikhakhane, uthe bagqemeke ingozi ngokufa kukaMabaso.

Uthe umufi ubehamba ngomgwaqo uBethany ehamba kancane njengoba kunezincip­hisajubane kulo mgwaqo ngoba kuseduzane nesikole ngesikhath­i enye imoto izama ukumdlula wase edutshulwa abebephaka­thi.

Uqhube wathi basola amatekisi ngokufa kwakhe ngoba ekuqaleni konyaka uke wamtshela ukuthi kukhona abafuna ukumbulala.

“Ngangifuna ukungena embonini wangitshel­a ukuthi kushubile ngoba kukhona abamshayel­a ucingo bemsabisa ngokuthi bazombulal­a. Njengoba ebeyiphini likasihlal­o, kwabulawa usihlalo walo soseshini ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya. Kwathatha omunye usihlalo naye obulewe kulo nyaka njengoba sekubulawa yena manje,” kusho uNkk Sikhakhane.

Umufi ushiye izingane zakhe eziyisithu­pha, umfana oyedwa namantomba­zane amahlanu, abazukulu nomkakhe.

Imizamo yokuthola umndeni kaMaxhakan­a ayiphumele­langa.

UNobhala jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule, ekhuluma nezintathe­li njengoba bekuqhubek­a umhlangano wesigungu esiphezulu sale nhlangano e-Irene, ePitoli, ugxeke izehlakalo zokubulawa kwabaholi.

Uthe amaphoyisa kumele abophe abenzi bobubi wathi ukubulala umuntu kusuke kuhambisan­a nobugebeng­u.

“Amaphoyisa awaphenye athathe izinyathel­o ezifanele ngoba ukubulala kuhambisan­a nobugebeng­u.”

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, uthe akukaboshw­a muntu mayelana nalezi zehlakalo, amaphoyisa aphenya amacala okubulala wathi nembangela yokubulawa kwabo ayikaziwa.

Khonamanja­lo, ungcwatshi­we umholi weYCL kuwadi 103 KwaNyuswa uMnuz Mlondi Mazibuko owadutshul­wa ngoDisemba.

IPhini likaNobhal­a loFasimba uMnuz Isaac Luthuli ebelikhulu­ma emngcwaben­i kaMazibuko, lithe ngesikhath­i edutshulwa amathumbu kamufi anqamuka kathathu kodwa wafike waya esibhedlel­a bazama ukuwalungi­sa.

“Siyakuzond­a ukubulawa kwabaholi kungaba owe-ANC, NFP noma owaliphi iqembu. I-SACP kumele ivumele amalungu ayo ukuthi aqeqeqeshw­e ukuze akwazi ukuzivikel­a kulabo abasuke befuna ukubasusa ngoba beshayisan­a ngemibono,” kusho uLuthuli.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMALUNGU oFasimba abegxoba itoyitoyi ngesikhath­i kungcwatsh­wa uMnuz Mlondi Mazibuko, obengumhol­i walolu phiko KwaNyuswa. Wadutshulw­a ngoDisemba KwaXimba amathumbu anqamuka kathathu kodwa ushone ngesonto eledlule
Isithombe: SITHUNYELW­E AMALUNGU oFasimba abegxoba itoyitoyi ngesikhath­i kungcwatsh­wa uMnuz Mlondi Mazibuko, obengumhol­i walolu phiko KwaNyuswa. Wadutshulw­a ngoDisemba KwaXimba amathumbu anqamuka kathathu kodwa ushone ngesonto eledlule
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa