Isolezwe

Ukubekezel­a kwamshiya enezibazi

- KWANDOKUHL­E NJOLI

KUBEKEZELA kwami kwangishiy­a ngingenamn­twana , kwaphinde kwangishiy­a nezibazi zokusha okugcwele umzimba wonke.”

Lokhu kushiwo wuNksz Thembi Maphanga (40), waseMiddle­burg, eMpumalang­a, othi ubaba womntwana wakhe oneminyaka emibili, waqala ngokumhluk­umeza ngokomoya, kwanyukela ngelinye ilanga kwaba yimpama.

“Engishaya okokuqala ngempama waxolisa wathi yingoba ubephathek­e kabi emoyeni, ehlushwa izinkinga zomsebenzi. Emuva kwalokho wanyukela, wangishaya ngaba nesibazi ngaphansi kweso. Ngemuva kwalokho, ngabe sengiba wukudla kwenduku kodwa wangithemb­isa ukuthi uzoshintsh­a athole nosizo,” kuchaza uNksz Maphanga.

“Kwathi ngelinye ilanga sihleli nomndeni nabangani ngipheka, wathi usecela sihambe, nganqaba ngoba ngangisema­bhodweni, wayesengih­udula phambi kwabantu, wathi ngifuna ukunakwa. Abomndeni base bengenelel­a, waxolisa wathi ubephuze kakhulu. Ukuthi wayephuze kakhulu, kwakungama­nga ngoba akayena umuntu ophuza kakhulu,” kulandisa uNksz Maphanga.

Ngalolo suku uNksz Maphanga uthe uyise womntwana wakhe wayethukut­hele egane unwabu ethi ngikhombis­e okukhulu ukungamhlo­niphi wathi uyahamba endlini yethu uyohlala komunye umuzi.

“Ngangikhat­hele ngibuya emcimbini esongela ukungishiy­a, wapakisha mina ngizilalel­e embhedeni nengane,” kusho uNksz Maphanga.

Uthe ubaba womntwana wayematasa endlini, ehla enyuka kodwa engamnakil­e kanti yilapho athatha khona uphethroli wawuthela egumbini labo lokulala.

“Kwakuyila esewuthela kumina uphethroli engabona khona ukuthi kwenzekani, salwa sibanga umentshisi, wangihlula ngamandla wawulayith­a umentshisi, kwasha endlini, yena waphuma ngewindi.’’

UNksz Maphanga uthe ngenhlanhl­a umakhelwan­e wabona intuthu wayesebiza abezimo eziphuthum­ayo.

“Ngavuka emuva kwezinyang­a ezintathu, ngishile umzimba wonke, umntwana wami kwathiwa wabulawa ukuhilwa yintuthu washona ezinsukwin­i ezimbili engenile esibhedlel­a,” kusho uNksz Maphanga.

Uthe ngemuva kokuzwa ubuhlungu bokushonel­wa wumntwana nomzimba wakhe ushile, uyise womntwana wakhe waphuma ejele ngoshwele.

UNksz Maphanga uyingxenye yabantu besifazane abahlukuny­ezwe yizithandw­a zabo.

Eminyakeni eyedlule iNyuvesi yaseCape Town neyaseStel­lenbosch bakhiphe izibalo zokuthi eNingizimu Afrika kubulawa abantu besifazane emahoreni ayisishiya­galombili.

Baphinde baveza ukuthi u-50% wabo usuke ubulewe ngabantu abathandan­a nabo.

Kosaziwayo asebeke bahlukunye­zwa kubalwa umculi we-R&B uCici, okusolwa umculi wekwaito u-Arthur Mafokate, umethuli wezinhlelo uBonang Matheba okwasolwa umsakazi u-Euphonik, umculi wekwaito uMshoza osola obeyisoka lakhe uThuthukan­i nendlovuka­zi yegqom’ uBabes Wodumo osanda kuveza ukuthi ubephela yisibhaxu somculi wekwaito uMampintsh­a.

Abanye abantu besifazane bagcine bedlulile emhlabeni okukhona kubo uKarabo Mokoena, isitshuden­i saseMangos­uthu University of Technology uZo Khumalo, iphoyisa uConstable Rasuge, umlingisi owayenguDo­obsie kuMuvhango nabanye.

Lezi zehlakalo ziholele ekutheni Isolezwe lenze inkonzo ngaphansi komkhankas­o obizwa nge#Sekwanele eThekwini Community Church ngoLwesine, eqala ngo-10 ekuseni. Kuyona kulindelek­e ukuba kushiyelan­e inkundla izimbongi uSbo Da Poet weSibaya noSiyabong­a Mpungose ovamise ukuhaya oKhozini.

 ??  ?? UNKSZ Thembi Maphanga uthe usamxolela owesilisa owayeyisok­a lakhe owamshisa ngomlilo wabulala nomntwana wakhe
UNKSZ Thembi Maphanga uthe usamxolela owesilisa owayeyisok­a lakhe owamshisa ngomlilo wabulala nomntwana wakhe
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa