Ukubekezela kwamshiya enezibazi
KUBEKEZELA kwami kwangishiya ngingenamntwana , kwaphinde kwangishiya nezibazi zokusha okugcwele umzimba wonke.”
Lokhu kushiwo wuNksz Thembi Maphanga (40), waseMiddleburg, eMpumalanga, othi ubaba womntwana wakhe oneminyaka emibili, waqala ngokumhlukumeza ngokomoya, kwanyukela ngelinye ilanga kwaba yimpama.
“Engishaya okokuqala ngempama waxolisa wathi yingoba ubephatheke kabi emoyeni, ehlushwa izinkinga zomsebenzi. Emuva kwalokho wanyukela, wangishaya ngaba nesibazi ngaphansi kweso. Ngemuva kwalokho, ngabe sengiba wukudla kwenduku kodwa wangithembisa ukuthi uzoshintsha athole nosizo,” kuchaza uNksz Maphanga.
“Kwathi ngelinye ilanga sihleli nomndeni nabangani ngipheka, wathi usecela sihambe, nganqaba ngoba ngangisemabhodweni, wayesengihudula phambi kwabantu, wathi ngifuna ukunakwa. Abomndeni base bengenelela, waxolisa wathi ubephuze kakhulu. Ukuthi wayephuze kakhulu, kwakungamanga ngoba akayena umuntu ophuza kakhulu,” kulandisa uNksz Maphanga.
Ngalolo suku uNksz Maphanga uthe uyise womntwana wakhe wayethukuthele egane unwabu ethi ngikhombise okukhulu ukungamhloniphi wathi uyahamba endlini yethu uyohlala komunye umuzi.
“Ngangikhathele ngibuya emcimbini esongela ukungishiya, wapakisha mina ngizilalele embhedeni nengane,” kusho uNksz Maphanga.
Uthe ubaba womntwana wayematasa endlini, ehla enyuka kodwa engamnakile kanti yilapho athatha khona uphethroli wawuthela egumbini labo lokulala.
“Kwakuyila esewuthela kumina uphethroli engabona khona ukuthi kwenzekani, salwa sibanga umentshisi, wangihlula ngamandla wawulayitha umentshisi, kwasha endlini, yena waphuma ngewindi.’’
UNksz Maphanga uthe ngenhlanhla umakhelwane wabona intuthu wayesebiza abezimo eziphuthumayo.
“Ngavuka emuva kwezinyanga ezintathu, ngishile umzimba wonke, umntwana wami kwathiwa wabulawa ukuhilwa yintuthu washona ezinsukwini ezimbili engenile esibhedlela,” kusho uNksz Maphanga.
Uthe ngemuva kokuzwa ubuhlungu bokushonelwa wumntwana nomzimba wakhe ushile, uyise womntwana wakhe waphuma ejele ngoshwele.
UNksz Maphanga uyingxenye yabantu besifazane abahlukunyezwe yizithandwa zabo.
Eminyakeni eyedlule iNyuvesi yaseCape Town neyaseStellenbosch bakhiphe izibalo zokuthi eNingizimu Afrika kubulawa abantu besifazane emahoreni ayisishiyagalombili.
Baphinde baveza ukuthi u-50% wabo usuke ubulewe ngabantu abathandana nabo.
Kosaziwayo asebeke bahlukunyezwa kubalwa umculi we-R&B uCici, okusolwa umculi wekwaito u-Arthur Mafokate, umethuli wezinhlelo uBonang Matheba okwasolwa umsakazi u-Euphonik, umculi wekwaito uMshoza osola obeyisoka lakhe uThuthukani nendlovukazi yegqom’ uBabes Wodumo osanda kuveza ukuthi ubephela yisibhaxu somculi wekwaito uMampintsha.
Abanye abantu besifazane bagcine bedlulile emhlabeni okukhona kubo uKarabo Mokoena, isitshudeni saseMangosuthu University of Technology uZo Khumalo, iphoyisa uConstable Rasuge, umlingisi owayenguDoobsie kuMuvhango nabanye.
Lezi zehlakalo ziholele ekutheni Isolezwe lenze inkonzo ngaphansi komkhankaso obizwa nge#Sekwanele eThekwini Community Church ngoLwesine, eqala ngo-10 ekuseni. Kuyona kulindeleke ukuba kushiyelane inkundla izimbongi uSbo Da Poet weSibaya noSiyabonga Mpungose ovamise ukuhaya oKhozini.