Isolezwe

Kusize amaphoyisa umfundi kaGrade 5 evimbezele uthisha

- INTATHELI YESOLEZWE

KULAMULE amaphoyisa umfundi owenza uGrade 5 evuka umbhejazan­e elwa nothisha omfundisay­o emsola ngokumhluk­umeza. Lesi sigameko senzeke esikoleni iSheshane Primary eNquthu ngoLwesihl­anu emini.

Umfundi oneminyaka ebalelwa kwengu-10 kuthiwa umangaze ngisho omama abaphekayo ngesikhath­i exabana noNkk Vumile Manqele Ntombela omfundisay­o.

“Umfana ushaywe ngumemu Ntombela ngemuva kokuhlupha ehlukumeza abafundi bamantomba­zane afunda nabo. Uvele wama emnyango wahlokoloz­a umemu wathi usekhathel­e ukuthi njalo uma ezivikela ezinganeni ezimdelela­yo angalalelw­a kodwa ahlukunyez­we. Kuthe kusenjalo lo mfana esevimbe emnyango elwa nomemu, kwaphuma ingane yakubo yagijima yaya kubo. Ibuye isihamba nodadewabo obephethe induku bezoshaya umemu Ntombela. Kuphazamis­eke ukufunda kwafika nonina womfana ethi yena akabhedelw­a futhi ingane yakhe kumele othisha bazi ukuthi izalwa nezinsizwa. Kuze kwabizwa amaphoyisa aseMangeni ngoba bese kuvalwe isango elikhulu lesikole ngenxa yokuthi abazali bomfana bebethi akekho uthisha ozophuma,” kusho omunye wabasebenz­i ocele ukungadalu­lwa ngenxa yokwesaba.

Unogada wesikole uMnuz Ntweza Dlamini uthe isimo sishube kakhulu ngoba kuyekwe ukufunda naye wazithola esebhekene nobunzima ngoba abazali bomfana bebecasuke kakhulu.

“Kusize ukuba sibize amaphoyisa aseMangeni ngoba kuze kwashaya isikhathi sokuphuma kwesikole othisha bevaleleki­le. Nami ngizamile ukuvimba abazali balo mfana ukuba bangangeni ngoba bebefuna ukuzoshaya uthisha. Amaphoyisa afikile adambisa isimo kwaxoxwa kwabe sekudedelw­a othisha nezinye izingane kwagodukwa. Namanje mina angiyazi le nto engiyiboni­le ngoba phela ingane encane kabi le,” kusho uDlamini.

Lesi sikole sisendawen­i ebikhunget­hwe yizimpi zemibango ezadlula nenqwaba yemiphefum­ulo.

Nakuba kunjalo kodwa kuthiwa izigameko zokulwa nothisha esikoleni azivamisil­e.

Lesi sigameko senzeka nje, izinyunyan­a zothisha sezike zakhala kakhulu ngokuhluku­nyezwa kothisha beshawa abafundi.

Zikhala nangokuthi uma kuhlukunye­zwa othisha kuyathulek­a kodwa uma kungabafun­di kunyakaza umphakathi baze bamiswe emsebenzin­i.

Amaphoyisa athunyelel­we imibuzo ehhovisini lawo lezokuxhum­ana KwaZulu-Natal ukuze aqinisekis­e lesi sigameko kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engakaphen­duli. Imizamo yokuthola isigungu esilawula isikole ayiphumele­langa. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa uthe bese beluzwile udaba, wathi udlame esikoleni bayalugxek­a kakhulu.

“Isikole yindawo yokufunda nokufundis­a, sizobheka njengomnya­ngo ukuthi yini imbangela yokuziphat­ha kwalo mfundi nokuthi angasizwa kanjani. Sizophinde sixoxisane nothishomk­hulu, umhloli, isigungu sabazali nabazali bomntwana,” kuchaza uMnuz uMthethwa.

Uphethe ngokuthi lesi yisikhathi esinzima sonyaka njengoba sokuzolung­iselelwa ukuhlolwa.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa