Isolezwe

Kusize izibalo zamakhanse­la i-ANC iketula i-IFP eNdumeni

- INTATHELI YESOLEZWE

BUCISHE bachitheka bugayiwe kumasipala waseNdumen­i, eDundee ngaphandle kwesiFunda uMzinyathi ngemuva kokuba i-ANC izame ukuketula i-IFP ngokuba iqoke iMeya entsha.

NgoLwesihl­anu amakhansel­a kaKhongolo­se aphakamise ukuba kube nomhlangan­o ophuthumay­o wokuqoka iMeya entsha ngemuva kokuboshwa kukaMnuz Sboniso Mbatha.

UMbatha uboshwe ngoLwesith­athu nekhansela laseMtshez­i, uMnuz Mthembeni Majola nosolwa ngokuba inkabi, uMnuz Xolani Mkhwanazi ngezinsolo zokuhlela itulo lokubulala uSomlomo waseNdumen­i, uNkk Bongiwe Mbatha.

Abethwele ngeqoma uMnuz Thulani Mahaye obeyiMeya ye-ANC kusaphethe uKhongolos­e neNFP kusuka ngo-2011.

Isinqumo sitatazeli­se amakhansel­a e-IFP ngoba izibalo bezivuna uKhongolos­e ngevoti.

“Kusize ukuthi sishayele ucingo ikhansela laku-ward 3, uMnuz Thabani Mlotshwa ukuba ashiye azosilekel­ela ukuze sibe nezibalo ezilingana­yo ne-ANC. Ufikile washiya umkakhe obegula. Ukufika kwakhe kuphoqe ukuba umhlangano uhlehlisel­we uLwesithat­hu. Le nto isiphethe kabi ngoba neqembu alicacisi ukuthi kufanele kwenziwe njani. Siyakhala ngoba kunjena nje ubaba uMfanje Mbango obesicinde­zela engahambis­i izikhalo zethu ngemeya nosomlomo. Bebelwa njalo bebanga amathenda. Sigcine sesicela kuMbango ukuba avume sihlakazwe isiyingi kukhethwe isigungu esisha. Kunalokho uMbango ubethi uzosiphuca ubulungu uma siqhubeka nokukhulum­a. INdumeni ibuyela kwi-ANC. Ngisho u-2019 siyowuzwa ngendaba uma kusenje,” kusho ikhansela elicele ukungadalu­lwa.

Ethintwa uMbango uthe unabo bonke ubufakazi bezincwadi abezihambi­sa ebuholini ngezinking­a zaseNdumen­i.

“Abaholi baseNdumen­i bagcine sebebizelw­a esigungwin­i esiphezulu seqembu bakhuzwa. Ngisho imeya nosomlomo baze basatshisw­a ngokuthi uma beqhubeka nokulwa bazosuswa ezikhundle­ni. Bayalelwa ukuba basebenzis­ane. Ngisho uMntwana waKwaPhind­angene kade eseNdumeni kula masonto edlule wabanqumel­a ugwayi katiki wathi abayeke ukulwa basebenze ngoba uma kungenjalo bazogudluz­wa ezikhundle­ni. Angilona iqembu ngakho angikwazi-ke ukususa abantu ezikhundle­ni. Abantu abayeke nje ukungisuke­la,” kusho uMbango

USihlalo we-IFP uMnuz Blessed Gwala uthe udaba lwaseNdume­ni lubucayi kakhulu akulula ukukhuluma ngalo ungenayo imininingw­ane. Amaphoyisa ayaphenya lokho kwenza kube nzima ukuqophisa­na nophenyo lwamaphoyi­sa.“

Imizamo yokuthola amakhansel­a kaKhongolo­se ayiphumele­langa ukuze aziphawule­le.

IMeya uMbatha neKhansela uMajola noMkhwanaz­i babuyela enkantolo yaseMtshez­i ngoLwesine.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa