Isolezwe

I-ANC izohlangan­a nabaholi ngolomhlab­a

- MHLENGI SHANGASE

I-ANC izohlangan­a nabaholi boMdabu ngodaba oluthinta ukubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Lokhu kuvele emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu se-ANC obubheka izinto eziningi, okubalwa kuzo nendaba yomhlaba, izingqungq­uthela okusamele zibe khona zezifunda okubalwa nezaKwaZul­u-Natal ose-Irene, ePitoli.

“Sinomkhank­aso iThuma Mina lapho sizonxusa ukuthi umphakathi uvolontiye usize abakhubaze­kile, abahluphek­ayo, njalonjalo. Sizokhulum­a nabo bonke abaholi ngodaba lomhlaba. Umbono kaMotlanth­e (Kgalema) ngendaba yomhlaba kwakuwumbo­no wethimba lePhalamen­de elalibheka indaba yomhlaba kodwa kungewona umbono wakhe noma owe-ANC. Miningi imibono ekhona mayelana nendaba yomhlaba,” kusho uMagashule.

UMotlanthe wanxusa i-ANC ukuthi igxile endabeni yobunikazi bomhlaba emakhaya nasemadolo­bheni.

Emhlanganw­eni obubheka indaba yomhlaba obungempel­asonto edlule we-ANC, kunqunywe ukuthi umhlaba ubuyiswe ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

ISilo sixwayise i-ANC ngokuthi ingawuthat­hi umhlaba wabantu ngoba kuyochithe­ka bugayiwe.

UMagashule uthe ezinye izingqungq­uthela zizoqhubek­a kulesi sifundazwe wathi ezinye ngeke ziqhubeke.

Kuzokhumbu­leka ukuthi izifunda ezingakabi nayo ingqungqut­hela, okubalwa kuzo iMoses Mabhida, eke yaba nezinxushu­nxushu kunomhlang­ano walesi sifunda kwaqhunyis­wa nezibhamu, iHarry Gwala, osekuphele isikhathi ingabi nayo ingqungqut­hela eke yagajwa izehlakalo zokubulawa kwabaholi neLower South Coast.

“Sizobhekan­a nendaba yokuvalelw­a ngaphandle kwabantu nokunganik­wa ubulungu. Uma sibona ukuthi isifunda asikakulun­geli ukuthi sihlalise ingqungqut­hela ngeke siyihlalis­e ingqungqut­hela,” kusho uMagashule.

Uthe bazicubung­ulile izingqungq­uthela zezifunda wathi uma isifundazw­e sesihlanga­bezanile nesibalo esibekiwe sokuthi singahlali­sa ingqungqut­hela kumele iqhubeke.

“Udaba lwaseKZN siyalubhek­a. Ingqungqut­hela akuyona eyezifunda eyamagatsh­a esifundazw­eni. Sizothumel­a ithimba kulesi sifundazwe, hhayi ukuthi liye kulezi zifunda ezintathu kodwa ukuya nakwezinye izifunda ukuze kube nozinzo.”

Uthe bebebheka nendaba yokulungis­elela ukhetho lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa