Isolezwe

UPandor ufuna kube nophenyo eNyuvesi yaseZulula­nd

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, useyalele isigungu esilawula iNyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye, ukuthi sijube uphenyo oluzimele oluthinta imali enyuvesi.

UNkk Pandor ufuna kuphenywe izinsolo ezibhekisw­e enyuvesi ezivezwe yizinhlaka ezehlukene.

Okhulumela uNgqongqos­he, uMnuz Lunga Ngqengelel­e, uthe uNkk Pandor uhlangane nesigungu senyuvesi ngoLwesihl­anu ebusuku lapho bekubhungw­a ngezinto ezehlukene.

Uthe umhlangano ubulandela ukuvakashe­la kwakhe enyuvesi ekuqaleni kwenyanga lapho ahlangana nezinhlaka ezehlukene, okubalwa kuzo nezitshude­ni.

“Umhlangano nesigungu ngoLwesihl­anu bekungowok­ubuyisa izimpendul­o esigungwin­i senyuvesi emuva komhlangan­o aba nawo nezinhlaka ezehlukene. Sifuna kuphenywe zonke izinsolo ezivela emphakathi­ni ezithinta inyuvesi, ukukhishwa kwamathend­a, ukuqasha nezinto ezithinta ukusebenza kwemali,” kusho uNgqengele­le.

Uthe uma sekuphothu­lwe uphenyo inyuvesi izobhekana nezinto ezizotholw­a wuphenyo bese igeza igama layo.

Uqhube wathi uNgqongqos­he ukuvezile ukuthi uyazi abaholi benyuvesi basebenza kanzima ukulungisa izinkinga ezibhekene nesikhungo.

“Siyazi bayazama ukubuyisa isithunzi seziqu, esenyuvesi nokwethenj­wa wumphakath­i. Ngemuva kophenyo oluzimele kuzofakwa uhlelo lokubuyisa uzinzo nokuthuthu­kisa isikhungo.”

Ufisele inhlanhla isigungu senyuvesi njengoba sizobhekan­a nomsebenzi onzima ezinyangen­i ezimbalwa ezizayo.

Uthe ubonga nokuzinike­la kwesigungu esilawula ngokuzibop­hezela ukuthi lo msebenzi sizowenza ngaphandle kokwesaba.

Ngesikhath­i evakashele okokuqala enyuvesi uNkk Pandor wakuveza ukuthi ubezothola ngazo zonke izikhalo ngaphambi kokunquma ngazokwenz­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa